EzakamuvaIbhola

UGavin Hunt uqagula amaqembu angase abangise iDowns eseligi

Njabulo Shezi

Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt useveze imibono yakhe ngokuthi yimaphi amaqembu awabona engase avale igebe, abangise iMamelodi Sundowns isicoco seDStv Premiership kule sizini ezayo.

AmaBrazillians asewuphendule into engekho umbango wesicoco seligi kuleli njengoba esesinqobe amasizini ayisithupha kulandelana. 

ISundowns iqede umbango wesicoco seligi kusasele imidlalo eyisikhombisa isongwe ngesizini edlule. 

Kodwa noma kunjalo, uGavin Hunt unethemba lokuthi ngeke iSundowns iyekelwe izihubuluzele isobho nje futhi umbango walesi sicoco uzoshuba ngesizini ezayo.

“Ngeke bayinqobe kalula iligi… Ngicabanga ukuthi i-Orlando Pirates izoba ngcono futhi ngicabanga ukuthi iKaizer Chiefs isayine kahle kulo nyaka. 

“Baneqembu elihle futhi ngicabanga ukuthi bazoba ngcono kakhulu,” kusho uGavin Hunt.

“ICape Town City iyohlale ikulungele ukulwa. Ngakho lawo ngamaqembu angase aphucane amaphuzu. 

“Lapho kumele sithuthukise khona wukuthi senze kangcono uma sibhekene namaqembu abephansi ngesizini edlule. Senze kahle uma sibhekene namaqembu abephezulu. 

“Ngesikhathi sinqoba iligi, sasishaya lawo maqembu ngakho yilapho okumele senze khona kangcono nakulokhu.

“Isizathu esenza ngicabange ukuthi asibashayanga ukuthi izinga lawo wonke amaqembu belenyukile – belilingana kusukela kosendaweni yesibili kwehle. 

“Nginesiqiniseko sokuthi amaqembu amabili noma amathathu azoba ngcono kulo nyaka kulokhu akwenzile ngokusayinisa abadlali abangcono. Angikungabazi lokho.”

Kule minyaka eyishumi edlule, iSundowns isinqobe izicoco eziyisishiyagalombili zePremiership kodwa lo mqeqeshi osewine iligi amahlandla amane akahambisani nombono wokuthi iligi yasekhaya ayisenambango. 

“Lalela, bona (iMamelodi Sundowns) bayiqembu eligcine liyitholile indlela ngemuva kweminyaka eminingi… 

“Futhi kumele ubancome ngoba imali yabo ayibenzi bagcine ngokukhuluma nje kuphela, kodwa bayenza,” kusho uGavin Hunt.

“Bayaphuma beyolanda abakufunayo. Ngizwe kukhona abathi kumele siziqeqeshe kakhulu kodwa kulula kakhulu okumele sikwenze. 

“Ngicabanga ukuthi iligi yinhle, iSundowns iyinqobile kodwa angicabangi ukuthi bekulula, ukube bekunjalo ngabe iwina ngo 5-0 masonto onke.

FUNDA NALA: UJohn Maduka ucacisa ekaZungu obonakale kwiRoyal AM

“Miningi imidlalo ebinemiphumela ekhomba ukuthi bekushubile, kodwa ngicabanga ukuthi bona basezingeni eliphezulu.”