UGavin Lane uncoma uRiveiro ngokubuyisa isiko lePirates
Alfred Ngubane
Inkakha ye-Orlando Pirates, uGavin Lane, ithi incoma iumqeqeshi uJose Riviero ngokubuyisa isiko leqembu nomoya wobumbano kubadlali baleli qembu.
Uthi lo mqeqeshi waseSpain ubahlanganisile futhi watshala inhlonipho njengoba manje sebengumdeni, nabafikayo basheshe bajwayele.
“Ngiyakhumbula ukuthi ngesikhathi ngifika kwi-Orlando Pirates ngatshelwa ngesiko le-Orlando Pirates,” kusho uGavin Lane.
“Ngibona ukuthi leli siko lokulwela ukunqoba kuyo yonke imidlalo liyabuya manje.”
IPirates ivale isizini edlule ngezinga eliphezulu kakhulu njengoba inqobe izindebe ezimbili okuyiMTN8 neNedbank Cup.
“Ngenxa yalo mqeqeshi, iPirates inamathuba amaningi okuthi yenze kahle kkwiCaf Champions League kule sizini ezayo ngenxa yobuhlakani bakhe (uRiveiro).
“Uma ubheka indlela ayiqale ngayo indlela yokulungiselela isizini ezayo, iPirates ikhombisa izimpawu zokudlondlobala kakhulu.
“Abadlali be-Orlando Pirates bahamba ngabathathu ezindaweni abadlala kuzo kanti lokho kukutshela ukuthi ukuncintisana kuphezulu kakhulu eqenjini.”
Kuningi ke okubhekwe kwiPirates kule sizini ezoqala. Kubhekwe ivikele izindebe eziwinile bese yengeza ngeseDStv Premiership, iqede ukuzenzela kweMamelodi Sundowns kulesi sicoco.
Ngaphezu kwalokho njengoba ibuyela kwiChampions League nje, kubhekwe ukuthi yenze kahle nakhona, iyinqobe uma izinto ziyivuma.
UGavin Lane, owayeyingxenye yeqembu elawina le ndebe ngo-1995, uthi kungaba kuhle isiphinde lesi sicoco, ibe ngeyokuqala kuleli ukusiwina kabili.
ISundowns yasiwina nayo ngo-2016 isaqeqeshwa nguPitso Mosimane kodwa kusukela eshiyile iyasindeka kulo mqhudelwano.
FUNDA NALA: UGavin Hunt uqagula amaqembu angase abangise iDowns eseligi
IPirates izoqala umkankaso wayo weligi ngomdlalo wasekuhambeni kwiStellenbosch FC engelinye lamaqembu abenza kahle ngesizini edlule.