EzakamuvaIbhola

USteve Komphela uchaza akulandele uJali kwiSwallows

Njabulo Shezi

Umqeqeshi weMoroka Swallows, uSteve Komphela usechazile ukuthi kungani leli qembu lilande umdlali wasesiswini obekwiMamelodi Sundowns u-Andile Jali.

Lo mdlali oneminyaka engu-33 ube ngumdlali wokuqala osayiniswe yiSwallows kusukela ibuyele egameni layo lakudala. 

UJali ungomunye wabadlali abayisithupha abasha abasayinisiwe njengoba kulungiselelwa isizini entsha kuleli qembu laseSoweto. 

USteve Komphela uchaza lo mdlali owake waqokwa njengoveleke kwiPSL unazo zonke izinto abebezidinga kumdlali abebefuna ukuqinisa ngaye. 

“Kuhlale kunzima ukuletha noma yimuphi umdlali eqenjini ngoba akukhona nje ukuthi bafisa ukuza kuwena kuphela. 

“Kubalulekile nokuthi ukwazi ukumkhokhela nokuthi azi ukuthi uyamdinga umdlali ofana naye eqenjini lakho,” usho kanje uSteve Komphela. 

Ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa iDStv Premiership ezindlini zomsakazi iSuperSport, eRandburg ngoLwesithathu. 

“U-Andile Jali uyangena futhi unakho konke esikudingayo. Siyamdinga umdlali osezingeni lakhe? Yebo. 

“Ingabe uzosisiza? Yebo. Ngabe uzoba nomthelela omuhle eqenjini? Yebo. Ngabe uzosisiza sithuthuke siyiqembu? Yebo. Ngabe uzobasiza nabanye babe ngcono? Yebo.

“Ngakho-ke kuwumthwalo wethu ukubona ukuthi lo msebenzi uhamba kahle ngaphandle kokuphambana nenqubo yeMoroka Swallows.”

USteve Komphela ube esebuzwa ukuthi uJali uyakuthokozela yini ukuphinde ahlangane naye eqenjini njengoba bobabili beke basebenza ndawonye kwiBafana Bafana nakuMasandawana.

“[U]jabule kakhulu,” kuchaza lo mqeqeshi. “Kuyaxaka ukuthi abadlali abanandaba nokuningi, inqobo nje uma bedlala. 

FUNDA NALA: UKaizer Motaung ukhuza ukugxekwa kukaNtseki

“UJali ubesenesikhathi eside ephumile (kwiSundowns), bekunamahlebezi amaningi ngokuthi uzophelelaphi. 

“Okuhle ke ukuthi ngisebenze no-Andile eqenjini lesizwe, ngasebenza naye kuSundowns.”