EzakamuvaIbhola

UKaizer Motaung ukhuza ukugxekwa kukaNtseki 

Njabulo Shezi

“Ukukhuluma kushibhile” – lawo ngamazwi ashiwo usihlalo weKaizer Chiefs uDkt Kaizer Motaung ngesikhathi echaza ngesinqumo seqembu sokunikeza uMolefi Ntseki isikhundla sokuqeqesha. 

Lesi sinqumo asehlanga kahle kubalandeli abaningi baleli qembu ababebheke ukuthi kuqashwe umqeqeshi onegama noseke waziveza kwamanye amaqembu. 

Kodwa uKaizer Motaung unxusa abalandeli ukuthi banikeze uNtseki ithuba lokukhombisa ikhono lakhe ngemuva kokuthatha lesi sihlalo esishisayo ku-Arthur Zwane. 

Amakhosi abheke ukuqeda isomiso seminyaka eyisishiyagalombili sezindebe kanti kulindeleke ukuthi lo mqeqeshi owake waqeqesha iBafana Bafana athole indebe ngokushesha. 

“Ngendlela esithenge ngayo, nokuhlomula esikutholayo ekuthuthukisweni kwamakhono abadlali abasebancane, ngicabanga ukuthi sisendleleni efanele,” kusho uKaizer Motaung. 

Ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ijezi leqembu ngoLwesibili kusihlwa.

“Umqeqeshi udinga nje ukunikwa ithuba lokwenza umsebenzi wakhe… Nazi kahle ukuthi ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi kuzoqalwa kabusha kwaletha imizwa ehlukene kubantu abaningi. 

“Kusobala ukuthi ukukhuluma kushibhile. Kulula ukugxeka kodwa ungagxeka into osuke wayibona uthi, ‘ayilungile le nto’. 

“Kodwa umlando uzokukhombisa ukuthi kubo bonke abaqeqeshi esibalethile, ngisho nabaphesheya, akekho noyedwa owake wanqoba noma obephumelele lapho esuka khona.

“Isikhathi abaphumelele ngaso yingesikhathi befika kwiKaizer Chiefs… 

“Siyethemba ukuthi uNtseki naye uma enganikwa lelo thuba, enze umsebenzi wakhe kahle bese silinda ke sibone ukuthi kufanele yini simgxeke. 

“Kuyadabukisa ukuthi ngenxa yezinkundla zokuxhumana namuhla, abantu bakhululekile ukusho noma yini ngenxa yesasasa. 

“Kodwa ukugxekwa okubhekiswe kuye akubanga nobulungiswa ngoba ubengakaqali nakuqala ukusebenza eqenjini.” 

IChiefs isayinile impela kuleli windi lokudayiselana ngabadlali. Ilande abadlali basemuva oThatayaone Ditlhokwe noGiven Msimango. 

Iphinde yaqinisa esiswini naphambiuli ngoPule Mmodi, Ranga Chivaviro, Tebogo Potsane, Mduduzi Mdantsane no-Edson Castillo waseVenezuela.

“Lokhu kwenyusa intshisekelo futhi laba badlali abasanda kufika lapha bazoyibona inselelo abazifake kuyo ngokuzodlalela iChiefs,” kuchaza uKaizer Motaung.

“Ngakho sizokwenza konke okusemandleni ukubafundisa, sibenze baqonde isiko nomlando walapho siphuma khona. 

“Kunenselelo yokuthi sikwazi ukubafaka ohlelweni ngoba abanye abadlali kungenzeka bahle lapho bephuma khona kodwa isimo sihluke uma sebelapha.

FUNDA NALA: UTinkler uveza okwashiwo uKhanyisa Mayo ngezesheli zakhe

“Kumele sisize abadlali abasha futhi siqinise ngoba kuyinselelo enkulu (ukudlala kwiChiefs), ikakhulukazi evela kumdlali wethu ka-12, okungabalandeli bethu. 

“Yibona abenza lo mshini usebenze ngakho-ke kumele sibaseke laba badlali abasha.”