EzakamuvaIbhola

UMolefi Ntseki akakugqizi qalakala ukungatshazwa kwiChiefs

Sbongs Gumbi

Umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki usephumele obala ngokushayisana kwemibono yabalandeli kulandela ukuqashwa kwakhe kuleli qembu laseSoweto. 

UMolefi Ntseki ubesesebenze iminyaka emibili eyinhloko yezokuqeqesha nophiko lokuthuthukiswa kwamakhoni kuleli qembu ngaphambi kokwenyuselwa kulesi sikhundla akuso manje. 

Nokho ubhekane nokungatshazwa njengoba iningi labalandeli lingamboni engakwazi ukusindisa lo mkhumbi waseNaturena ominzayo.

Eziphendulela kulokhu kungatshazwa kwakhe, uMolefi Ntseki uveze ukuthi kuvele kunokuthatheka kancane kwabaqeqeshi bakuleli. 

“Mhlawumbe yingoba ngingowaseNingizimu Afrika… Njengabantu baseNingizimu Afrika asinakho ukuzithanda,” kusho uNtseki ngesikhathi kwethulwa isizini yeDStv Premiership ngoLwesithathu.

“Kodwa ngethemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi sizokhula, sidlule kulento bese sizithanda, sibe yisizwe esihle kakhulu.”

Yize ebebukelwa phansi, uNtseki uthi akazange akhathazeke ngakho njengoba eke waphathwa ngendlela efanayo ngesikhathi eqokwa njengomqeqeshi weBafana Bafana ngo-2019.

Kuyo yonke iminyaka engu-25 engumqeqeshi, uMolefi Ntseki uthi ubephila ngakho ukungatshazwa nokugconwa. 

Kodwa yena uvele agxile ekwenzeni umsebenzi wakhe ngawo wonke amandla akhe.

“Selokhu ngaqala ukuqeqesha eminyakeni engu-25 edlule kuyenzeka lokhu kimina,” kuchaza lo mqeqeshi waMakhosi.

“Kuzohlale kukhona abantu abanemibono yabo mayelana nendlela owenza ngayo izinto nendlela oziphatha ngayo.

“Bazongabaza uhlobo lwabadlali obasebenzisayo, indlela odlala ngayo… Ngakho-ke ngicabanga ukuthi kule minyaka engu-25 edlule ngidlule kukho konke lokho.”

Uthe akazange amangale, futhi akazange akhathazeke ngendlela abalandeli abazemukela ngayo izindaba zokuqashwa kwakhe. 

“Angimangalanga… Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi nginomsebenzi okufanele ngiwenze futhi lowo msebenzi kufanele ngiwenze ngawo wonke amandla ami.”

UNtseki uyazi ukuthi unesikhathi esincane futhi kufanele asheshe athole imiphumela kwazise ingcindezi yendlala yezindebe yeminyaka eyisishiyagalombili isisemahlombe akhe. 

Yize umsebenzi wakhe wokuqala bekungaba wukwakha kabusha iqembu, yena uzodinga ukunika abalandeli into ezobajabulisa ukuze bamnike isikhathi.

Ukudlala kahle, ngendlela ethembisayo emdlalweni wakhe wokuqala neChippa United eMoses Mabhida Stadium ngo-Agasti 6 kungase kuxegise ingcindezi.

FUNDA NALA: USteve Komphela uchaza akulandele uJali kwiSwallows

Kodwa ngokubheka indlela abadlale ngayo emdlalweni wabo wobungani neYoung Africans eTanzania ngempelasonto edlule, uNtseki usenokhalo olude okumele alukhathule.