EzakamuvaIbhola

Vilakazi: IMaritzburg igejile kuZipho Dlangalala ‘oxoshwa njalo’ 

Alfred Ngubane

UNhlanhla Vilakazi owayengumdlali weMaritzburg United uhlaba abaphathi baleli qembu ngokuhluleka ukuqoka abaqeqeshi. 

Uthi nalo abamqoke manje, uZipho Dlangalala ngeke ayenzele lutho iMaritzburg ngoba ibhola elidlalwa yiqembu elicijwa wuye alinamagoli.

“Insimbi laphaya kwiMotsepe Foundation Championship iyashisa ngempela, idinga umqeqeshi onamava,” kusho uNhlanhla Vilakazi. 

“Manje uDlangalala akaphethe lutho njengoba nawe uyazi uhlale exoshwa emaqenjini ngoba ehlulwa ukuletha imiphumela. 

“Bengithi bazolanda uPitso Dladla noRonnie Gabriel okungabaqeqeshi abalambele  ukunqoba. Bebengalikhuphula iqembu libuyele kwiDStv Premiership. 

“Banomlando omuhle kulesi sigaba. Ngibona leli qembu libadinga kakhuli njengoba  lilahlekelwe ngabadlali abaningi nje,” kuqhuba uNhlanhla Vilakazi. 

UNhlanhla Vilakazi uthe ngaphansi kukaDlangalala, iMaritzburg kungenzeka idlale ibhola elikhangayo kodwa inkinga kuzoba wukuthi imiphumela ingabi mihle. 

UDlangalala ngumqeqeshi odinga ukunikwa isikhathi eside ukuthi agxilise imfundiso yakhe eqenjini okuyinto iMaritzburg engenayo njengoba ijahe ukubuyela kwiPremiership nje.

“Ngicabanga ukuthi laba baqeqeshi (oDladla noGabriel) bayakwazi ukusebenza nabadlali  abangenawo amagama. 

“Akungoba ngibafesela, noma ngigxeka uZipho Dlangalala. Ngibone nebhola ebelidlwalwa yiqembu kwiPremier’s Cup likhombise izimpawu ezingezinhle eqenjini.”

IMaritzburg idliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule isiqeqeshwa nguFadlu Davids ohambe kungasekuhle. 

Usihlalo weqembu, uFarouk Kadodia wasola uDavids ngokuthi ubesesebenzela ukuqeda imidlalo nje engasenandaba ngoba esethole itoho kwenye indawo. 

UDavids usekwiRaja Casablanca eMorocco la eyikhini likaJosef Zinnbauer khona. Kuvela ukuthi waqala ukuxoxa nayo iMaritzburg isadlala imidlalo yokuhlunga. 

Nabadlali abasalanga ekusolweni nguKadodia, ethi kukhona abebedembesela ekubeni ubebaholela kahle futhi ngesikhathi njalo.

UDlangalala yena uwashelwe ukulakha kabusha leli qembu esebenzisa abadlali abasebancane baseMgungundlovu. 

Usizwa nguSimo Dladla amqashe njengephini lakhe. IMaritzburg ibisolwa kakhulu ngokulanda abadlali baseKapa libe liyinqwaba ikhono kuleli dolobha ezinze kulo. 

FUNDA NALA: UStan Mathews uphalaza iqiniso ‘ngokudayiselwa’ uDzvukamanja

Kukhona nabebenomkhankaso wokuthi iphucwe uxhaso lukamasipala ngoba vele ayiwenzeli lutho umphakathi njengoba ilanda abadlali bangaphandle.