EzakamuvaiDStv Premiership

Usuthu luyifezile inhloso yalo – Pablo Martin

UPablo Martin, umqeqeshi waMaZulu FC uzibona ekufezile obekufuneka kuye kule sizini yize abalandeli bengakuphika lokho.

Lo mqeqeshi ukwisizini yakhe yokuqala kuMaZulu kanti kumanje leli qembu lilwela ukungena kwiTop 8. 

Nokho nezembe liseduze kuleli qembu laKwaZulu-Natal, kodwa uMartin ekhuluma ngemuva kokubambana ngo 1-1 neKaizer Chiefs, uzwakalise ukweneliseka.

“Inhloso yokuqala – ukuhlala kwiPremiership – sesiyifezile futhi sisenethuba lokungena kwiTop 8,” kusho uMartin. 

Ube eseveza nokuthi ukuhamba baze bafike kweyandulela owamanqamu kwiNedbank Cup, ngenye yezinto abaziqhenya ngazo. 

Kubukeke sengathi iChiefs izokuphinda lokho kuMaZulu njengoba ivamile ukufike ibukise ngawo, iwaphendule iminqolo eMoses Mabhida. 

Nakulo mdlalo iqale kahle, u-Ashley Du Preez eshaya igoli ngomzuzu wesibili.

Kodwa kuhambe kwacaca ukuthi leli goli lingene ngoba bebewazumile AmaZulu, aqala nawo kancane abuyela emdlalweni. 

Kuyiwe ekhefini sezibambene kulandela igoli likaVictor Letsoalo alingqofele enethini ephambi kwepali leChiefs. 

Nokho izithombe zonyawo lonwabu zivele ukuthi bekumele ngabe alibalwanga leli goli njengoba ebesesendaweni engamfanele elingqofa.

Ziqhubekile nokuthengana nasesiwombeni sesibili, kusobala ukuthi ukunqoba kuyadingeka nhlangothi zombili. 

Yize ebelile amathuba – alibanga khona nokho elicace kahle – kodwa awazange asetshenziswe kwaze kwagcina ngokuthi kwabelwane ngamaphuzu. 

Lo mphumela ushiye iChiefs isabambelele ngomunwe owodwa kwiTop 8 njengoba kuyiyo esendaweni yesishiyagalombili. 

Isenamaphuzu angu-35 ngemuva kwemidlalo engu-28. Usuthu lona lusabhakwe endaweni embi njengoba lisangawela ezembeni. 

Lona lunamaphuzu angu-33 ngemuva kwemidlalo engu-28 kanti luqhele ngamaphuzu amane nje kuphela kwiRichards Bay esendaweni yokuyodlala kweyokuhlunga.