UBroos uchaza eyokulanda uMdantsane abe mziba phambilini
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usesicacisile isinqumo sakhe sokubiza uMduduzi Mdantsane ozovala isikhala sikaPercy Tau.
UTau, 29, uhoxile emidlalweni yobungani abazoyidlala ne-eSwatini ne-Ivory Coast. Uthe unezizathu zakhe ezingadalulwanga.
UMdantsane, obekhishiwe eqenjini likaBroos ngesikhathi eseqoka abadlali abangu-23 azodlala ngabo, usebuyiseliwe.
Lo mdlali, oneminyaka engu- 28, akakalishayi igoli kwiKaizer Chiefs emidlalweni engu-11 kule sizini. Uqale emihlanu.
“Ngicabanga ukuthi ngakuveza ngesikhathi sikhuluma ngokuvala isikhala sikaThemba Zwane ngokudlule ukuthi sesiqalile nokubheka iminyaka yakhe – kumele sicabangele ikusasa.
“Kodwa sinaye umdlali esicuphise ngaye esingahamba naye ukuya kwi-Afcon. Eminyakeni anayo (uZwane) angicabangi ukuthi usangakwazi ukudlala yonke imidlalo (kwi-Afcon) njengoba isondelene eduze.
“Ngakho udinga umuntu (ozothatha umthwalo naye), udinga isixazululo. (UMdu) ubesohlwini lwethu, ngakho manje ngenxa yokuthi uPercy Tau (uphumile), besingenza okubili.
“Ukuthatha omunye umdlali wasesiswini noma sithole ithuba lokuthi sibe nomuntu mhlawumbe esikhathini esizayo ongavala isikhala sikaThemba.
“Yingakho ekhona (uMdu). Kulungile ngakusho engakusho ngoThemba (ngokumziba kwiBafana ethi usemdala) kodwa asidluleni kulokho mnaje.”
UBroos ube esechaza nokuthi yena akabheki iqembu umdlali akulo uma eqoka isikwati sakhe, kodwa ubuka ikhono nokuthi lowo mdlali engamsiza ngani.
Lo mqeqeshi usoliwe ngokuthi uMdantsane usembona manje ngoba esedlala kwiChiefs ukuthi ufanelwe yiBafana.
Ubemziba ngesikhathi edlala kwiCape Town City la abedlala kahle khona eze eheha amehlo ezinhloli zeChiefs.
“Angibheki ukuthi umdlali udlala kwiSundowns, kwiChiefs noma kwiPirates… Angibaqoki ngoba bekulawo maqembu.
FUNDA NALA: Kanti yini le elimaza uSibisi weBucs kweyamanqamu?
“Ngibaqoka ngoba ngibadinga futhi ngibabona kuyibo abasezingeni elifanele ukudlala endaweni ethile ngaleso sikhathi. Yilokho nje.”