Kuvela igama loweKaizer Chiefs ecaleni likaSenzo Meyiwa
Sihle Ngubo
Kulokhu kuvela okuningi njengoba kuqhubeka ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa enkantolo enkulu yasePitoli.
Njengamanje kufakaza uColonel Lambertus Steyn oveze okwatholakala emafonini ababekhona endlini ngesikhathi kudutshulwa uMeyiwa ngo-Okthoba 26 ka-2014 eVosloorus.
USteyn uqale waveza ukuthi uKelly Khumalo, owayethandana noSenzo Meyiwa, wafonelana nomunye wabamangalelwa ngemuva kwisigameko.
Uphinde waveza ukuthi uKelly wafonelana noDavid Mathebula owayedlalela iKaizer Chiefs kayisishiyagalombili nakhona esedlulile emhlabeni uMeyiwa.
USteyn uthe akulula ukusho ukuthi ubani owayefonela omunye phakathi kukaMathebula noKelly kodwa bona bafonelana izikhawu eziyisishiyagalombili.
UMathebula usewawagaxa emgibeni amakhokho akhe ngemuva kokudlala isikhathi eside kuMakhosi. Usesebenza enkulisa yaleli qembu elingelinye lamakhulukazi ebholeni lakuleli.
Ukuvela kwegama lakhe akusho ukuthi uyathinteka kuleli cala, “mhlawumbe bangabangani nje noKelly” kusho uSteyn.
Okunye okuvezwe uSteyn ukuthi kwaba khona ukwenziwa kwe-sim swap yenombolo kaSenzo Meyiwa ngemuva kokuthi eshonile nokuyinto exakayo ukuthi yenzeka kanjani.
“Udinga i-ID ukuze bakwenzele isim swap yenombolo yakho kubo kwayo,” kusho uSteyn.
I-sim swap yenombolo yenziwa uma ifoni ilahlekile bese kube ukuthi isim card esuke ilahlekile ngeke isasebenza kuzosebenza le entsha.
Kusobala lo owenza isim swap wayefuna kuphele nya ngezinto ezazisefonini kaSenzo Meyiwa ngesikhathi eshona.
FUNDA NALA: UTyson Hlatshayo ukhala ngengozi abayigqenywe yiChiefs ngoDithlokwe
UMeyiwa wayengunozinti nokaputeni kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana. Sekuphele iminyaka ecela eshumini abulawa. Icala, osekuqale phansi ukuqulwa kwalo, liyaqhubeka ePitoli.