EzakamuvaIbhola

Idabhi yaseSoweto: Abadlali abangase bavelele, babe zihlabani

Idabhi yaseSoweto ihlezi kunzima ukuyiqagula kwazise kungaba wumzamo omuhle womdlali oyedwa owenza umehluko, noma ke kube yiphutha elilodwa elihlonza umphumela. 

Yingakho ke indlela umdlali ngamunye adlala ngayo kulo mdlalo ibalulekile. Vele ke idabhi yehlukile kweminye imidlalo. 

Lo mdlalo wedabhi ozayo ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates awuhluke ngalutho, kungenzeka umphumela uhlonzwe wubuhlakani bomdlali oyedwa. 

IChiefs iya kulo mdlalo iphethe abadlali abanamava kulo mdlalo, nenqwaba okungenzeka iwudlale okokuqala. 

  • U-Itumeleng Khune

Uma eqalisiwe umdlalo, uKhune uzobe esewudlala ihlandla lika-28 lo mdlalo, kanti uza nenqwaba yesipiliyoni. 

Siyadingeka ke ikakhulukazi ukusiza labo badlali abazobe bewudlala okokuqala ukuthi bengathuki. 

Yize ifomu ingabazeka njengamanje, kodwa ikhono likaKhune epalini yinto ongabheja nokubheja ngayo. 

  • UThatayaone Dithlokwe

Uzobe eyidlala okokuqala idabhi kanti ungumdlali obalulekile emuva kuMakhosi.

Ukungatatazeli kwakhe kuzodingeka ukuvimba abadlali abasheshayo baphambili be.

  • UKeagan Dolly

Uzobe eyidlala okwesihlanu idabhi kanti unamava aziwayo. Ungumdlali othandayo ukuqiniseka ukuthi ozakwabo basesimweni esifanele enkundleni. 

Lokhu kubaluleke kakhulu, ikakhulukazi kubadlali abasebasha eqenjini nabazobe beqala ukudlala enkundleni elayishe abantu ababalelwa ku-90 000. 

  • UYusuf Maart

UMaart unomlando omuhle kulo mdlalo njengoba athi ewudlala okokuqala washaya igoli eligasoze lalibaleka. 

Akungabazeki ukuthi iPirates izobe ingafisi ukuthi athole ibhola eyedwa ezindaweni la engakhahlelela khona ipali. 

  • UTapelo Xoki

Nguyena ukaputeni weqembu njengamanje kanti uma enomdlalo omuhle, lokho kutheleleka eqenjini lonke. 

Ukugada kwakhe ngempumelelo abagadli beChiefs abadle ngomzimba nokushesha – oRanga Chivaviro noChristian Siale kuzobe usewunqamulelile umsebenzi weBucs kulo mdlalo. 

  • UPatrick Maswanganyi

Umdlalo omkhulu lona kuMaswanganyi kwazise uzobe eyidlala okokuqala idabhi. 

Kusukela efikile kwiPirates, cishe awukho umdlalo osamgejile futhi uma edlala kahle, kuyacaca. 

Unesibindi sokuqonda amadoda nesokukhahlelela ipali, uma engakwenza lokhu kulo mdlalo, uzoba yiphela endlebeni ezitobheni zeChiefs. 

  • UThembinkosi Lorch

Ngomunye wabadlali abanomlando omuhle kulo mdlalo njengoba enamagoli amane kuwo. 

Ufika nje lo mdlalo usanda kubuyela efomini yakhe njengoba emidlalweni emithathu edlule yeBucs eqokwe njengoMdlali oVelele. 

Uma esemuzwnei ofanele kulo mdlalo, iPirates izoba sethubeni elihle kakhulu lokuphuma namaphuzu aphelele. 

  • UZakhele Lepasa

Ukuthi uzoqala noma uzongena umdlalo usuphakathi akucaci njengoba ebuya ekulimaleni nje. 

Kodwa okungangabazeki wukuthi iPirates iyamdinga lo mgadli wayo kulo mdlalo omkhulukazi. 

FUNDA NALA: Kuvela okwenze AmaZulu angaceli ukuhlehliselwa umdlalo

Wehlelwe yifomu muva nje, kodwa umdlalo waleli zinga ungaba yilento abeyidinga ukuvuselela ifomu yakhe.