UPercy Tau udalula iholo angalifuna uma esayina kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Umdlali weBafana Bafana, uPercy “Lion of Juda” Tau, uveza ukuthi angaya kwiKaizer Chiefs uma imnika imali ezomenelisa.
Usho lokhu ngesikhathi ekhuluma noRobert Marawa ohlelweni lwakhe iMarawa Sport Worldwide 947.
Ebuzwa ukuthi yiliphi iqembu akhule eleseka njengomfana, uTau uphendule wathi: “IKaizer Chiefs.”
UMarawa ube eseqhubeka emhlokoloza embuza ukuthi ngabe angakujabulela yini ukudlala kuleli qembu amasizini ambalwa ngaphambi kokuyeka ibhola.
“Leso simo kungamele ngisibheke lapho kungukuthi anginaqembu bese iChiefs iyangithinta,” kusho uTau owagqama kwiMamelodi Sundowns.
“Maningi amaqembu ePSL. Ngidlalile kwiSundowns ngakho nayo ngeke ngiyizibe.
“Yiqembu engike ngalidlalela futhi nganqoba nalo, nginothando lwalo nabalandeli.
“Uma iSundowns ingeke inginike inkontileka bese iChiefs ikwenze lokho, akulona iphutha lami ukuthi sengiye kwiChiefs.”
UTau ugcine ukudlala kwiPSL ngo-2018 ngaphambi kokusayina kwiBrighton and Hove yase-England.
Useke wadlala isikhathi eside ezinkunzini zase-Afrika i-Al Ahly ngaphambi kokuya kwiQatar SC lapho ebeyikha khona ngamahalavu imali.
Njengoba engenalo iqembu uTau kumele anqume ukuthi uyabuyela yini eNingizimu Afrika nokuthi uzodlala kuliphi iqembu.
“Ngingalalela wonke umuntu (uma ngibuyela kwiPSL) ngeke ngizibe i-Orlando Pirates, iStellenbosch neSuperSport (United),” kuqhuba uTau oseneminyaka engu-31.
“Isinqumo sami siyoncika ekutheni ubani onginika inkontileka. Yebo iSundowns ngisayithanda kodwa ekugcineni nginomndeni okumele ngiwondle.
“Ngeke ngithi ngoba nakhu ngiyalithanda iqembu bese ngithatha noma yini elinginika yona.”
Lo mdlali uveze ukuthi yena akafuni ukwenza ihaba uma esayina inkontileka entsha, uyazama ukuthi kuxoxiswane kahle.
UMarawa ube esembuza ukuthi uma iChiefs ingamnika inkontileka yeminyaka emibili, nombandela wokuyivuselela, ahole u-R450 000 ngenyanga, angavuma yini.
“Yinhle kakhulu,” kuphendula uTau.
IChiefs izama ukuqinisa iqembu ngemuva kokuba nesizini engeyinhle, yize ikwaze ukunqoba iNedbank Cup.
Kubadlali abamataniswa nayo kungabalwa uThabiso Monyane noPaseka Mako, abasanda kudedelwa yiPirates.
Omunye umdlali okuvela ukuthi inunuselwa ngaye iChiefs, uSipho Mbule obebolekiswe yiSundowns kwiSekhukhune United ngesizini edlule.