AbeKaizer Chiefs baphawula ngoMhango noChivaviro
Sbongs Gumbi
Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung usephendule ngamahlebezi okuthi lezi zinkunzi zaseSoweto zizosayinisa uGabadinho Mhango waMaZulu FC.
Lawa mahlebezi abhebhetheke kakhulu ngoMgqibelo ekuseni kulandela ukuthi uMhango engabanga khona eqenjini laMaZulu elidlala kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup.
Ngasekuqaleni kwaleli viki, umqeqeshi woSuthu uPablo Martin utshele izintatheli ukuthi akanaso isiqiniseko sokuthi uMhango uzohlala noma uzohamba.
“Sizobona ukuthi uzoba yini yingxenye yeqembu noma uzoyithola indlela yokuhamba aye kwenye indawo.
“Kunezingxenye ezintathu ezahlukene kulento: kukhona ikilabhu, umdlali bese kuba nethimba labaqeqeshi.
“Ukusuka lapho sidinga ukuthola izixazululo esenelisa zontathu lezi zingxenye,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eSpain.
Ebuzwa ngoMhango ngaphambi komdlalo weKaizer Chiefs neTownship Rollers eBotswana ngoMgqibelo ntambama, uMotaung uvumile ukuthi bafuna ukuqinisa phambili.
“Anginawo amagama (abadlali) okwamanje. UKaizer Junior nguyena owazi amagama (abadlali abafuna ukubasayina),” kusho uMotaung.
“Mina ngisebenza ngeqembu lilonke, hhayi umdlali ngamunye noma ukuthengwa kwabo…
“Sibheke ukuqinisa phambili ngoba kukhona asebevele balimele. Kodwa hhayi uGabadinho.”
Nomqeqeshi uMolefi Ntseki ubuziwe ngomgadli wakhe uRanga Chivaviro obengekho eqenjini elizoqala umdlalo weKaizer Chiefs wesibili nowokungowogcina kweyokuzilungiselela isizini.
“URanga ufike enenkinganyana yokulimala kodwa uyelulama. Sijabule ngokululama kwakhe futhi sibone ukuthi ngeke sikwazi ukumfaka engozini kulo mdlalo.
FUNDA NALAI: UThabo Rakhale noShwama ebhentshini koweChiefs neRollers
“Uwubheke ngabomvu umdlalo wakhe wokuqala egqoke ijezi leKaizer Chiefs,” kuchaza uNtseki. Uma ibuya eBotswana iChiefs izobe seyilungela ukuqala kweDStv Premiership.