EzakamuvaIbhola

UNtseki uzowalungisa amaphutha aqhathe iKaizer Chiefs nenduku

Sbongs Gumbi

Owayengumdlali we-Orlando Pirates osengumdlali weTownship Rollers, uThabo Rakhale, nguye ojuqe iKaizer Chiefs eNational Stadium eGaborone, eBotswana.

URakhale ushayele iqembu lakhe elisha iTownship Rollers igoli eliwine ngalo emdlalweni wobungani neChiefs ngoMgqibelo ntambama. 

Bekungokwesibili iChiefs ihlulwa ngo 1-0 njengoba ngangempelasonto edlule ishaywe yiYoung Africans eTanzania. 

Kulokhu iKaizer Chiefs idlale ngendlela ethembisayo, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala, yize kusobala ukuthi luselude ukhalo oluhlalele umqeqeshi uMolefi Ntseki. 

Nokho lo mqeqeshi uzibophezele ekulungiseni amaphutha awabonile emidlalweni emibili ngaphambi kokuqala kweDStv Premiership ngempelasonto ezayo.

“Mayelana neskhathi sokudlala ukuze silungiselele umdlalo wethu wokuqala, ngicabanga ukuthi sisendleleni efanele,” kusho uNtseki ngemuva komdlalo.

“Ngoba uma ubheka isiwombe sokuqala, iqoqo lokuqala labadlali abadlalile – besenzela ukubanika isikhathi sokudlala. 

“ETanzania sibanike imizuzu emmbalwa bese nkundleni. Eqoqweni lesibili, bekuwukwengenza imizuzu asebeyidlalile.”

Ayizange imphathe kahle indlela iqembu lakhe elivale ngayo emuva kulo mdlalo ikakhulukazi indlela elidedele ngayo igoli. 

“Okokuqala nje wukuthi awuphisani ngamagoli kanjena. Kusho ukuthi asikwazi ukuvala kahle izikhala nokumaka umuntu ophethe ibhola. 

“Sibavumele ukuthi badlale ibhola elivundlayo, futhi ngeshwa asikwazanga ukubavala la lizowela khona lelo bhola. 

“Ngakho-ke, lezi yizinto esizilungisayo, lezi yizinto esizosebenza ngazo.”

Phambili, iKaizer Chiefs iphinde yageja amathuba abethembisayo ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Ngenye indawo uNtseki athi azosebenza ngayo.

“Uma ubheka isiwombe sokuqala, siwakhile amathuba ambalwa. Sizoke sibheka kahle ukuthi yini le eyenze sahluleka ukuwasebenzisa.”

FUNDA NALA: AbeKaizer Chiefs baphawula ngoMhango noChivaviro

UNtseki usalelwe yiviki ukwenza Amakhosi adlale ngendlela ayifisayo njengoba ezovula imidlalo yePremiership ngeSonto elizayo neChippa United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.