UTapelo Xoki uthembisa iPirates engcono uma seyisekhaya ngoLwesibili
Sbongs Gumbi
Uphoxekile uTapelo Xoki ngesikhathi engukaputeni emdlalweni wokuqala we-Orlando Pirates ithola isibhaxu ngakubo eKapa.
Ezimnyama zishiye inqwaba yabalandeli bazp bedangele zishaywa yiStellenbosch FC eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.
Lo mdlalo udlalwe inkundla igcwele phama, iningi labalandeli kungabePirates njengoba bebelindele ibajabulise.
Ihlulekile ke ukukwenza lokho njengoba idlale indavundavu yebhola, ihluleka ukulawula umdlalo yaze yagcina ihluliwe ngo 1-0 wegoli lika-Anthonio Van Wyk.
UTapelo Xoki uvumile ukuthi baphoxile kulo mdlalo, wathembisa ukuthi bazovuka bazithathe.
“Akuyona indlela ebesifuna ukuqala ngayo le. Siphoxeke kakhulu ngomphumela. Kodwa kukona okuhle esingakuthatha kulo mdlalo.
“Sekumele sibheke umdlalo olandelayo ngoLwesibili. Asikho ukusikhathi sokukhala ngalona,” kusho uTapelo Xoki ngemuva komdlalo.
Izosheshe ilithole ithuba lokubuyisa isithunzi njengoba izobhekana neRoyal AM ekhaya e-Orlando Stadium ngoLwesibili.
UTapelo Xoki uthi kumele nakanjani benze kangcono kulo mdlalo ngoba kumele basheshe baqale ukuqokelela amaphuzu.
“Kumele nje sizithintithe sibheke phambili. Kumele singalilahli ithemba. Imidlalo ilandelana ngobuningi.
“Kumele siqoqe amaphuzu amathathu ngokushesha. Ngakho kumele sidlule kulona, sibheke olandelayo ukuze sizame futhi.”
IPirates beyenze kahle kakhulu emidlalweni yokulungiselela isizini ngesikhathi isekhempini eSpain.
Lokhu bekunyuse amathemba kubalandeli ukuthi izoshaya into ecokeme kule sizini ikakhulukazi njengoba iliqinisile nje neqembu.
Kodwa indlela edlale ngayo ngoMgqibelo ishiye imibuzo ngokuthi ngabe izokwazi yini ukufakela iMamelodi Sundowns inselelo embangweni wesicoco seligi.
FUNDA NALA: USteve Komphela unohlelo lokuqondisa ‘izidakwa’ zimdlalele kwiSwallows
Ngemuva komdlalo wangoLwesithathu, izobe seyiqala umkhankaso wokuvikela isicoco sayo seMTN8.
Izogadulisana neSekhukhune United e-Orlando Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.