USamir Nurkovic usemgobile uMaMkhize ngemali amkweleta yona
Alfred Ngubane
UShauwn “MaMkhize” Mkhize, ongumengameli weRoyal AM ugcine elugobile uphondo, wanquma ukuwulandela umyalelo weFifa wokukhokhela uSamir Nurkovic.
Lokhu kulandela ukuchithwa yinkantolo yamacala ebhola amakhulu ezemidlalo emhlabeni iCourt of Arbitration for Sport (Cas).
IRoyal AM beyifake isicelo sokuphikisana nesinqumo seFifa sokuthi akakhokhele uSamir Nurkovic imali abezoyihola kule minyaka emithathu ayisayina.
Leli qembu lanqamula inkontileka kaNurkovic kusaphele izinyanga ezintathu eyijoyinile.
Wabe eselufaka kwiFifa udaba lwakhe, yamvuna yathi waxoshwa ngendlela engafanele ngakho kumele akhokhelwe.
Kodwa manje kuvela ukuthi uShauwn Mkhize usejikile, usethi uzoyikhokha le mali ukuze kususwe isigwebo sokungasayini abadlali ababeshaywe ngaso.
Njengamanje iRoyal AM ayivumelekile ukusayina abadlali kuze kube iyikhokha yonke yonke imali ebalelwa kuR12-million eyikweleta uNurkovic.
Khonamanjalo, kuzothi ngeviki elizayo leli qembu libize abezindaba ukuzodalula imininingwane ngalolu daba nezinye.
Impempe ithole ukuthi kulezi zindaba ezintsha ezizothulwa yileli qembu yizinguquko ezozoba khona ethimbeni labaqeqeshi.
BUKA: IChippa yemukela umdlali omusha ngekaVelaphi Mjongeni
Kuzophinde kucaciswe nangeyokuthuthela eHarry Gwala Stadium, osekuzoba yiyona nkundla yasekhaya yeRoyal AM ngesizini ezayo.