Umqeqeshi weBafana Bafana uchaza ngokulimala kuka-Appollis
SIHLE NGUBO
Kunyuse amaphaphu kwabaningi ukulimala kuka-Oswin Appollis, ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neGhana emdlalweni wobungani, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesibili.
Iqembu lesizwe lakuleli lishaye iBlack Stars ngo 1-0 kulo mdlalo wokugcina, ngaphambi kokuthi liyoyibamba kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) ngesonto elizayo.
NgoMsombuluko iBafana Bafana izodlala umdlalo wokuvula we-AFCON, lapho izobhekana ne-Angola, okungumdlalo obalulekile kakhulu.
Ngemuva kwalowo mdlalo izobhekana ne-Egypt ngoDisemba 26, bese ivale imidlalo yamaqoqo ngokutholana phezulu nomakhelwane iZimbabwe.
U-Appollis, we-Orlando Pirates, uphume esexhuga kulo mdlalo wobungani kodwa umqeqeshi, uHugo Broos, uthe amaphaphu phansi.
“Cha, akukho okutheni. Kube ukukhahleleka nje emlenzeni wakhe,” kusho lo mqeqeshi waseBelgium.
“Mhlawumbe kusasa (ngoLwesithathu) uzozwa ukungakhululeki okuncane kodwa akuyona into engasikhathaza.”
Lo mqeqeshi usanda kucashunwa encoma indlela adlala ngayo u-Appollis, selokhu efike kwiPirates esuka kwiPolokwane City.
“Ngicabanga ukuthi u-Oswin (Appollis) ukhulile manje njengoba esadlalela iPirates,” kusho uBroos ngeledlule.
“Ngibona ukuthi umqeqeshi wakhe uyamsiza kakhulu. Ngimbona esebenza njengamanje.
“Usebenza ngokuzikhandla. Uyingozi kakhulu uma ephethe ibhola, ushaya amagoli. Muhle kakhulu ekuphaseni ibhola.”
U-Appollis ungomunye wabadlali abafike kwiBucs bangena khaxa, kwaba sengathi kade baba yingxenye yeqembu.
Usesize ukwakha amagoli amaningi selokhu kuqale isizini, wakwazi ukushaya namanye.
“Usevele waba ngumdlali obaluleke kakhulu kwiPirates, nokumenza abe umdlali obalulekile kwiBafana Bafana emidlalweni yakamuva. Uyawashaya amagoli,” kuchaza uBroos.

