Yayisihlulekile iChiefs ukuthola umqeqeshi – Ntseki
UMolefi Ntseki uthi iKaizer Chiefs yayisizame abaqeqeshi abaningi ngaphambi kokuthi icele yena ukuthi athathe lo msebenzi.
Lo mqeqeshi uqashwe ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi abe ngumqeqeshi weChiefs.
Kodwa izinto azimhambelanga kahle uMolefi Ntseki waze waxoshwa kusaphele izinyanga ezine eqashiwe.
Izinto bezingamhambeli kahle futhi waze wajikijelwa abalandeli ngemfucuza, befuna asule noma axoshwe.
Kube sekungena uCavin Johnson esikhundleni sakhe nokunguye osasibambile kuze kuphele isizini.
UNtseki ukhulume nabeSoccer Laduuma ngokuqhubeka kwempilo yakhe kusukela axoshwa kwiChiefs.
Uthi usebuyele ekhaya eFree State futhi usathathe ikhefu lokuthi ake azihlalele nezingane zakhe abe ngubaba.
Uchaze nokuthi wavuma kanjani ukuthatha lo msebenzi ongomunye wenengcindezi emangalisayo ebholeni lakuleli.
“Iqembu labona kunesidingo sokuthi lithole omunye umqeqeshi,” kusho uMolefi Ntseki.
“Ekuthungatheni kwethu umqeqeshi, asimtholanga onakho konke iqembu elalikufuna.
“Iqembu labe selithi, ‘wena kwade usebenza nalabantu uphethe uhlaka lwenkulisa, sicela uthathe lo msebenzi’.
“Kwenzeka kanjalo ke ukuthi ngigcine ngingumqeqeshi weqembu elikhulu kwiKaizer Chiefs.”
Uthe wakubona lokhu kungukukhombisa ukumethemba, nokuyinto eyamjabulisa kakhulu ngoba bebesebenza ngokubambisana bonke nabaphathi.
“Akubanga yisinqumo esilula… ngaphandle kokuthi sabe sesisebenze ndawonye eminyakeni emibili edlule.
“Ngakho babazi lapho ngimuhle khona, nalapho ngingemuhle khona futhi bazi ukuthi ngizoba wusizo kanjani eqenjini.”
UMolefi Ntseki uthe ngesikhathi ewuthatha lo msebenzi, wayazi kahle ukuthi ungamphelela nangakusasa ngenxa yengcindezi ohambisana nayo.
“Yinto eyenzekayo ebholeni leyo. Uyaqashwa namuhla, ngakusasa usuyaxoshwa,” kuchaza lo mqeqeshi.
“Nginenhlanhla ngoba ngaqeda izinyanga ezine ngiqeqesha iKaizer Chiefs.
FUNDA NALA: UMakgopa akanandaba nabamngcofayo, ulwela izwe
“Abanye abantu bahlala amasonto ayisithupha noma izinyanga ezimbili emaqenjini amakhulu.”

