UScreamer ukhala ngamagama esidlaliso abadlali kuleli
UStanley “uScreamer” Tshabalala useveze ubumqoka kokwethiwa igama lesidlaliso kumdlali webhola, okuyinto athi isho lukhulu kumdlali ngoba limsondeza kubalandeli.
Uthi igama umdlali aliphiwa ngabalandeli limenza azibone ukuthi naye uyinkunzi phakathi kwezinye.
“Mina ngaqamba u-Oupa Manyisa ngoba ngibona engikhumbuza u-Ace Ntsoelengoe no-Ace Khuse,” kusho uScreamer.
“Ngabuka ukuthi naye, njengabo, uyazithulela bese ekhuluma ngezinyawo – bakhulumisa ibhola kuphela.
“NoManyisa uyathula kodwa ukhuluma ngebhola. Abadlali kuleli bebeqanjwa ngabalandeli ngoba bebona ikhono lalowo mdlali enkundleni.
“Manje abadlali bethu sebefana nabase-Europe njengoba ungeke ubone kuthiwa unegama aliphiwe ngabalandeli.”
USceamer uthe cishe okwenza bengaqambeki namagama wukuthi izinga labo liyisibhamu somlabalaba – liyehla liyenyuka.
“Nabo abadlali bethu abadlali ngokugculisayo enkundleni. Bayashisa umdlalo owodwa, kolandelayo bayabanda.
“Abadlali bakudala babeshisa isikhathi eside – ashise nje isizini iqala ize iyophela ngaphandle uma enphazanyiswe wukulimala.”
Ubale noJoseph “Nyakanyaka” Mlaba waMaZulu, Andries “Chaka Chaka” Mpondo weMoroka Swallows, Vusi “Computer” Lamula weKaizer Chiefs phakathi kwalabo abaqanjwa abalandeli.
Uqhube wafaka oJan “Malombo” Lechaba weKaizer Chiefs, Albert “Ayashisa Amateku” Mahlangu noNicolas “Bazooka” Seshweni be-Orlando Pirates.
“Ikhono lomdlali enkundleni yilona elimnika igama kodwa uma engashisi ngeke alithole igama, uyohlale ebizwa ngegama lasekhaya aliqanjwa ngabazali bakhe.”
Abadlali bamanje sebevamise ukuqanjwa ngabadlali baphesheya njengoba kugcwele oMessi izwe lonke nje.
Cishe kugcine ngesizukulwane soReneilwe “Yeye” Letsholonyane no-Aaron “Mbazo” Mokwena ukuqanjwa kwabadlali kuleli.
FUNDA NALA: Owe-Chiefs nabeDowns baqokelwe izindondo yeCaf
Abaningi sebeqanjwa ngabasakazi, ikakhulukazi uReggie “Mapensela” Ndlovu weSuperSport onegama lesidlaliso lawo wonke umdlali weDStv Premiership.