EzakamuvaIbhola

OwoSuthu ucacisa ngoGabadinho Mhango ‘obheke kwiChiefs’

Alfred Ngubane

Isikhulu sezokuxhumana kuMaZulu FC, uBrillian Mkhathini sithi siyakweshwama esikufunde kwabezindaba ngempelasonto ngoGabadinho Mhango. 

Zigcwale izwe lonke izindaba zokuthi uGabadiho Mhango useyashiya Osuthwini futhi usezodlala kwiKaizer Chiefs kusukela ngesizini ezayo. 

Lamahlebezi aqine kakhulu kulandela ukuthi lo mgadli waseMalawi engabonakalanga eqenjini laMaZulu ebelidlala kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup ngempelasonto. 

Nokho athe ukudamba kulandela ukuthi isikhulu seChiefs, uBobby Motaung ewachithile, wathi bona bayamfuna umgadli kodwa ngeke kube uGabadinho Mhango. 

Lo mgadli umataniswa neChiefs nje kulandela ukuthi ikusasa lakhe kuMaZulu lingacacile kahle. 

Nomqeqeshi woSuthu uPablo Martin uvele wacasha ngesithupha ngeledlule ebuzwa ngalo mgadli, ethi akanasiqiniseko noma uyahamba noma uzohlala. 

Konke lokhu kusukela ekutheni umengameli waMaZulu, uSandile Zungu wakuveza ukuthi kunabadlali azobachitha ngenxa yokungaziphathi kahle. 

Yize engabagagulanga ngamagama, kodwa abazazi kangcono ezaleli qembu laseThekwini bakuveza ukuthi  naye uMhango ukhona kulabo badlali abebengaziphethe kahle.

Lokhu ke kuvele kusheshe kumfanele lo mdlali kwazise nakwi-Orlando Pirates wahamba kungasekuhle ngenxa yakho ukungaziphathi ngendlela efanele umdlali okhokhelwayo.

Kodwa uMkhathini ngoMsombuluko utshele Impempe ukuthi lo mdlali ukhona ejimini yeqembu futhi akakwazi kuvelaphi ukuthi usehambile.

“Ngizwile nje kukhona ababuza ukuthi uyephi… Mina ngingakuqinisekisa ukuthi ukhona eqenjini futhi uzicija nalo nje njengenjwayelo,” kusho yena. 

FUNDA NALA: UMiguel Timm nafisa likhumbuleke ngakho ijezi lePirates ‘elihlukile’

Usuthu lusemalungiselweni omdlalo walo wokuqala weDStv Premiership ozoba ngoMgqibelo emini la ezobhekana khona neRoyal AM. 

Lo mdlalo uzodlalelwa enkundleni yasekhaya yeRoyal AM entsha iHarry Gwala Stadium eMgungundlovu.