Umqeqeshi woSuthu ukhala ngokuzilimaza kweqembu lakhe
SIHLE NGUBO
Ukhala ngokuzenzela phansi kweqembu umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur “10111” Zwane, kulandela ukushaywa yiStellenbosch FC ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eDanie Craven Stadium, eKapa, ngoLwesibili ebusuku.
Usuthu lubuye lulambatha kulo mdlalo yize luwatholile amathuba okushaya amagoli ngisho selulandela ngemuva.
Igoli eliwinise iStellies libekwe enethini uSanele Barns ngomzuzu ka-29. AmaZulu azamile ukubuya kodwa kwagcina kungalunganga.
UZwane ukholwa ukuthi bebengenza kangcono kulo mdlalo kodwa bazilimaza bona.
“Ngicabanga ukuthi siqale kahle. Sibe namathuba amabili sangawasebenzisa ngendlela,” kusho uZwane ngemuva komdlalo.
“Sibe sesidedela igoli ebelishaywe kuyikhona. Ngemuva kancane kwalokho sithole ithuba lokulinganisa kodwa unozinti wabo wenza kahle.
“Ngesiwombe sesibili bese kumele siphushe siye phambili. Nakhona amathuba esiwatholile asiwasenenzisanga ngendlela.
“Sinabadlali abasheshayo uma siya ngakho kusuke kungenzeka noma yini. Besingashaya igoli siphinde sishaye elesibili, sinqobe umdlalo.”
Usuthu lusendaweni yesikhombisa kwilogi yePremieship. Nakanjani uZwane ufisa baqede kahle bangaphumi kwiTop 8.
“Besilokhu sizilimaza thina ngamagoli amaningi esiwadedelile phambilini,” kuqhuba uZwane.
“Bekumele senze kangcono ekuphungeni ibhola (eligcine liyigoli). Ngesinye isikhathi sishaywa ukungenzi okufanele uma sesifika phambili.”
Usuthu luzobhekana nomkhaya iLamontville Golden Arrows emdlalweni olandelayo weBetway Premiership ngo-Ephreli 27 eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.

