Iyakhula ingcindezi kuSiyabonga Ngezana oyinjini kadizili phesheya
Njabulo Shezi
Kuvela izindaba ezithanda ukungabi zinhle ngoSiyabonga Ngezana osanda kufudukela eqenjini laseRomania esuka kwiKaizer Chiefs.
Sekusabalele imibiko ethi abaphathi beqembu asayine kulo, iFC SB (Steau Bucharesti) sebeqala ukuphelelwa yisineke njengoba esephenduke injini kadizili yona ephuzayo ukufudumala.
Kuthiwa uSiyabonga Ngezana kuyamsinda ukujwayela isimo sakuleliya lizwe ngakho uyehluleka wukungena eqenjini.
Sekunemidlalo emithathu edlalwe yileli qembu engekho ngisho ebhentshini lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-25.
USiyabonga Ngezana akayiqalanga kahle vele impilo kuleli qembu lakhe elisha njengoba enza iphutha elibucayi emdlalweni wakhe wokuqala.
Leli qembu lalidlala owokuzilungiselela isizini ngesikhathi efakwa esiwombeni sesibili futhi wanikwa nebhande likakaputeni.
Kodwa wenza iphutha, eshelela ewa ngesikhathi ejikwa wumgadli weqembu abebedlala nalo, qede wayoshaya igoli lokulinganisa kulowo mdlalo.
Kusukela lapho kubukeka izinto zithande ukuqansa kuNgezana njengoba manje sekuvela ukuthi isikhulu seqembu, uGigi Becali sesishaya amakhala.
“UNgezana udinga isikhathi ukuze ajwayele,” ucashunwe esho kanje uBecali ongusihlalo weSteau Bucharesti.
“Sonke siyasidinga isikhathi sokujwayela, okuyaye kube yizinyanga ezintathu kuya kwezine uhlala kuleyo ndawo.
“Kodwa ke ngeke sikwazi ukulinda isikhathi eside kangako, (umdlali) simnika inyanga (ukuthi ajwayele), kuphelela lapho.”
La mazwi awamahle neze futhi akhomba ukuthi inhlalo kuSiyabonga Ngezana ayiseyinhle nokungenzeka agcine ededelwa ukuthi abuye ekhaya uma isimo singajiki maduze.
FUNDA NALA: UMakaab uphumela obala ngabafuna uGabadinho Mhango
Leli qembu laseRomania lakhokha imali elinganiselwa kuR19.5-million kwiChiefs ngalo mdlali wasemuva njengoba seliqala ukukhathazeka nje ngaye.