EzakamuvaIbhola

Unozinti weChiefs usecele indlela, ufuna ukuyozama engxenye

Omunye wonozinti beKaizer Chiefs usecele leli qembu ukuba limkhulula uma lingakwazi, ukuze ake ayozama ukuthola ijezi kwelinye iqembu. 

Kuthiwa lo nozinti ukhala ngokuthi uyabona ukuthi usekude kakhulu ukunikwa ithuba kwiChiefs ethembele kuBrandon Petersen no-Itumeleng Khune. 

Kusekhona noBruce Bvuma phambi kwakhe ngakho uBontle Molefe esecele indlela kuleli qembu laseNaturena, ngokokubika kwabeLaduuma. 

Kubikwa ukuthi lo nozinti osemncane ubona ukuthi uzophelelwa yisikhundla eqenjini lesizwe liak-Under 20 uma eqhubeka nokuhlala eNaturena. 

“Akufunayo yena ukudlala,” kucashunwe umthombo usho kanje. Uqhube wathi ukhala ngokuthi uma engadlali eqenjini, indawo izophela nakwelesizwe. 

“Yilokho okumenza afune ukuhamba. Ufuna ukuyothola la ezodlaliswa khona njalo.

“Kodwa okwamanje alikho iqembu esingathi yilo abheke ukuya kulo kodwa yena uyafisa ukuthola elinye iqembu. 

“Uselazisile iqembu futhi nalo lenza okungangalo ukumsiza kulesi sifiso sakhe. Into embalekisayo wukuthi baningi kakhulu onozinti ancintisana nabo kwiChiefs.”

Khonamanjalo, iChiefs izobhekana neCape Town Spurs emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 kusihlwa. 

FUNDA NALA: U-Onyango akafuni iphinde iphume kuleli indebe ye-AFL

Lo mdlalo uzodlalwa kukhala ibhungan enjengoba abalandeli bevinjiwe ukuhambela njengengxenye yesijeziso seChiefs ngodlame lwabo abalandeli.