I-Downs imatasa emakethe, ayithi vu ngokubuyisa uMosimane
SIHLE NGUBO
Kwenzeke okungalindekile obengumdlali we-Orlando Pirates, uMonnapule Saleng, ethushuka kompetha beligi iMamelodi Sundowns ngoLwesihlanu olwedlule.
Lo mdlali, oke waba sematheni engadlaliswa kwiPirates ngesizini edlule, usesayine inkontileka naBafana Ba’Style, okuyinto ebamangaze kakhulu abalandeli bakanobhutshuzwayo.
USaleng uhambe kwiBucs sekumuncu ebolekiswa kwi-Orbit College, engomakoti beligi.
Ibibhekene ngeziqu zamehlo nePirates, kuvela imibiko engaqinisekisiwe yokuthi ubefuna ukukhushulelwa iholo.
Uhlale izinyanga eziyisithupha engadlali kodwa kukho konke lokho iPirates ibingachazi ukuthi kwenzekeni ngoSaleng.
Abalandeli bePirates bajabulile kuvela izindaba zokuthi uSaleng ubuyele kwiBucs ekuqaleni kukaJanuwari.
Nokho kube yibohlololo esethulwa yiSundowns ngokusemthethweni ngoLwesihlanu, lapho idlale khona ividiyo.
Umbuzo omkhulu owokuthi uSaleng uzolithola yini ithuba lokudlala kwiDowns enenqwaba yabadlali.
Okunye okulindwe ngabomvu abalandeli beSundowns ukuthi uzogcina ebuyile yini umqeqeshi wayo wakudala uPitso ‘Jingles’ Mosimane.
Ekuqaleni kwesonto eledlule kube nomsindo ezinkundleni zokuxhumana, kuvela ukuthi iDowns izoxosha uMiguel Cardoso ibuyise uMosimane.
Lo mqeqeshi ushiye iSundowns ngo-2020 wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt, nokuyinto eyashiya abalandeli beSundowns bedangele.
Imibiko engaqinisekisiwe ithi uPatrice Motsepe, ongemengameli weCAF nomphathi weSundowns, uyena oyalele ukuthi akubuyiswe uMosimane.
UJingles washiya kwiSundowns esenqobe isicoco seCAF Champions League ngo-2016, okuyinto okuthiwa umfunela yona uMotsepe.
Ngesizini edlule iSundowns ishaywe yiPyramids SC kowamanqamu weChampions League.
ISundowns iphinde yamemezela uKhulumani Ndamana, obedlalela iTS Galaxy, noBrayan Leon obedlala eColombia.
Leli qembu kuvela ukuthi lisacathamela uPuso Dithejane weTS Galaxy, ogaqelwe nayiKaizer Chiefs nePirates.

