EzakamuvaIbhola

UReeve Frosler ushaye ngamafuphi ebuzwa ngebelimfuna phesheya

Sbongs Gumbi

Uvele washaya nagamafuphi umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uReeve Frosler ngesikhathi ebuzwa ngeqembu laphesheya okuthiwa belifuna ukumsayina. 

Kubikwa ukuthi uReeve Frosler ubesemabhukwini abadlali abafunwa yiqembu laseRomania lapho obenguzakwabo uSiyabonga Ngezana asedlala khona manje.

Kodwa iChiefs kuthiwa isinqabile lesi sicelo yase ikhetha ukugcina lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-25 okwazi ukudlala kwesokudla nakwesokunxele.

UReeve Frosler ungomunye wabadlali abakhishwe yileli qembu laseNaturena ukuthi baxoxe nabezindaba ngoLwesithathu ekuseni njengoba lilungiselela umdlalo walo wokuqala weDStv Premiership.

IChiefs izoqala imidlalo yayo ekhaya neChippa United kodwa izosebenzisa iMoses Mabhida Stadium, eThekwini emdlalweni wangeSonto ntambama.

“Isinqumo esenziwe mayelana nalokho, ngijabule ngaso,” kuphendula uFrosler lapho ebuzwa ukuthi la mahemuhemu ayiqiniso noma cha.

“Futhi ukugxila kwami ​​​​kulapha kwiChiefs manje, sengibheke isizini ezayo. Isinqumo sithathwe ngokubambisana yizo zonke izinhlangothiezithintekayo,” kusho uFrosler. Akathandanga ukudalula eminye imininingwane njengoba emile kwelokuthi ujabule kwiChiefs futhi usegxile ekusizeni iqembu ukuthi lenze ngcono ngesizini ezayo.

“Sibe namasonto ambalwa okulungiselela isizini. Ngakho manje uma singena kwisizini entsha, siyazi ukuthi yini esifuna ukuyizuza,” kusho uReeve Frosler ngesizini ezayo.

“Kodwa ngihlale ngithi kufanele singatatazeli, siqale kahle nje bese sibona ukuthi siphelelaphi. Kufanele siqale isizini ngonyawo olufanele ngempelasonto.

“Lokho kuzosilungiselela umdlalo olandelayo, nayo yonke eminye imidlalo ngemuva kwalokho. Isizini siyilungiselele kahle “

IChiefs ihluliwe emidlalweni yayo yobungani emibili ebisakazwe bukhoma kumabonakude. Kodwa uFrosler uthi akumele kugxilwe kulokho. 

“Bekungaba kuhle ukuba sithole imiphumela emihle, kodwa kufanele siyibheke kakhulu emidlalweni le eqala ngale mpelasonto.”

IChiefs isinomqeqeshi omusha uMolefi Ntseki oqashwe yiqembu ngemuva kokudilizwa kuka-Arthur Zwane ekuqaleni kukaJulayi.

FUNDA NALA: Kuchazeke uKhoza iBanyana iqopha umlando kweyoMhlaba

“Njengomdlali akukho engingakwenza ngezinguquko kubaqeqeshi. Ngakho-ke, noma ngabe ubani ozongena kufanele ngenze okusemandleni ami. 

“Kumele ngimbonise engingakwenza, futhi ngenze konke okusemandleni ami ngaso sonke isikhathi,” kusho uFrosler.