Ubuhlungu kuLyle Foster izembe ligqabula iBurnely
Umgadli weBafana Bafana neBurnley, uLyle Foster usebhekane nobuhlungu bokugawulwa yizembe kuPremier League.
IClarets ihlulwe ngo 2-1 yiTottenham Hotpur ngoMgqibelo, okuqinisekise ukuthi izodlala kwiChampionship ngesizini ezayo.
Llei qembu elicijwa uVincent Kompany lithwale kanzima zisuka kule sizini yokuqala libuyele esigabeni esiphezulu sebhola lase-England.
Indlela yayo yokudlala, esekelwe ekugcineni ibhola libekwe phansi yiyo ebiyenza izithole yenza amaphutha emuva ngesikhathi izama ukuliqala kahle ibhola.
Yize bedliwe yizembe, uLyle Foster owaqala ibhola ekikhokhelayo kwi-Orlando Pirates, ubengomunye wabadlali abangcono kuleli qembu kule sizini.
Emkhankasweni ophazanyiswe yizinkinga zakhe zokungabi sesimweni esifanele ngokomqondo, lo mdlali oneminyaka engu-23 ukwazile ukudlala imidlalo engu-22.
Unamagoli amahlanu kanti wakhele ozakwabo amagoli kathathu kwisizini yakhe yokuqala kwi-EPL.
Umdlalo wokugcina weBurnley uzoba sekhaya layo, eTurf Moor, la bezobhekana khona neNottingham Forest.
INottingham yona isalwela ukusinda ezembeni kodwa kungenzeka lo mdlalo ufike sekuvele sekubhedile nakuyo.
ULyle Foster wazalwa ngoSepthemba 3 ka-2000 eNoordgesig, eSoweto, futhi ukhulele enkulisa yebhola yePirates.
Wakhushulelwa eqenjini elikhulu leBucs ngo-2017, kodwa akahlalanga isikhathi eside njengoba kwafika iqembu laphesheya lazomfuna.
Walandwa yi-AS Monaco edlala kwiLigue 1 eFrance, wasuka kuyo waya eBelgium la edlale khona emaqenjini ehlukene.
Ube eselandwa uVincent Kompany, wamletha kwiBurnley ngesizini edlule isadlala kwiChampionship, wafike wafaka isandla ekutheni ikhushulelwe esigabeni esiphezulu.
Usenyamana mbana ke nokho kuleli uLyle Foster kulandela ukunqaba kwakhe ukuya kwi-Africa Cup of Nations neBafana ngoJanuwaru.
Kwabekwa isizathu sokuthi akakelulami ngokugcwele kulesi sifo sokukhathala kwengqondo ebesimphethe.
FUNDA NALA: ‘Kugiye umakhelwane’ iSwallows igingqa iStellies
IBurnley yathi ifisa abe seduze nayo ngoba usasebenza egadwe odokotela abamsiza kule nkinga yakhe.