IMamelodi Sundowns isacinga inkundla ezodlala kuyo neChiefs
Njabulo Shezi
Njengoba isizini yeDStv Premiership iqala nje kule mpelasonto, ompetha abavikela isicoco iMamelodi Sundowns abakabi nayo inkundla abazodlalela kuyo imidlalo emikhulu.
IMamelodi Sundowns izoqala ngeSekhukhune United ekuhambeni ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoLwesihlanu kusihlwa.
Kodwa umdlalo wayo osuvele ubhekwe kakhulu ngowokuqala ezowudlalela ekhaya la izogadulisana khona neKaizer Chiefs ngo-Agasti 9.
Ngesizini edlule iSundowns yabukisa ngeChiefs kulo mdlalo iyibuyisela eSoweto imisila ingaphansi kwemilenze seyidedele induku ka 4-0.
Lo mdlalo wawuseLoftus Versefeld ePitoli kodwa kulokhu le nkundla ayitholakali njengoba isanda kutshalwa utshani kabusha nje.
Kuthiwa kuzothatha izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi isebenziseke. Yingakho ke manje iMamelodi Sundowns ingenayo inkundla ezodlalela kuyo eyasekhaya.
Ngokohla lwemidlalo olukhishwe yiPremier Soccer League emavikini amabili edlule, iSundowns izoyidlalela eLoftus imidlalo yayo yasekhaya.
Nokho sekuke kwasikazwa ukuthi izowusa eMbombela Stadium, eMpumalanga lo mdlalo wayo neChiefs.
Kodwa osekutholwe yiMpempe kamuva nje wukuthi isicabangela kwiLucas Moripe Stadium ese-Attridgeville, khona ePitoli.
Le nkundla beyisetshenziswa yiSuperSport United phambilini kodwa kulokhu izodlalela ePeter Mokaba naseTUT Stadium uma isekhaya.
“Kungenzeka iMamelodi Sundowns iwudlalele eLucas Moripe umdlalo wayo neKaizer Chiefs ngo-Agasti 9.
“Lokhu akukaqinisekiswa okwamanje njengoba kusaxoxwa, kodwa ingenye yezinkundla abacabangela kuzo,” kusho umthombo.
Nokho inkinga wukuthi le nkundla ilayisha abantu abangaphansi kuka-30 000 kanti lo mdlalo uthathwa njengomkhulu.
Kungenzeka iPSL iyichithe le nkundla. Uma kugcina ngokuthi ayiyitholi enye inkundla, iSundowns izophoqeleka ukuwusa ekhaya leChiefs iFNB Stadium lo mdlalo.
Ne-Orlando Stadium ye-Orlando Pirates neDobsonville Stadium yeMoroka Swallows ngezinye zezinkundla engazisebenzisa.
Nokho i-Orlando iyobe kade isetshenziswa yiPirates ibhekene neRoyal AM ngayizolo okungenza ingakwazi ukubamba umdlalo omkhulu.
FUNDA NALA: ‘Ihlabene’ iCity Rovers ngo‘Tower’ omusha uSabelo Phakathi
IDobsnville yona iyobe ivulekile njengoba iSwallows izowudlela kweseBlomefontein Celtic iDr Molemela Stadium eBotshabelo owayo wasekhaya neCape Town City ngo-Agasti 9.