UPetersen uvuma eyokugqilaza kwegama lika-Itu Khune kwiChiefs
Sbongs Gumbi
Unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen uthi ubeyazi kahle into abeziphonsa kuyona ngesikhathi esayina naleli qembu laseNaturena ngethemba lokulingisa inkakha yeqembu u-Itumeleng Khune.
UPetersen, oneminyaka engu-28, ujoyine iChiefs ngoJulayi 2021 kodwa akakwazanga ukudlala ngesizini yakhe yokuqala kuleli qembu njengoba ngaleso sikhathi lalidonsa isigwebo seFifa.
Bekuyisizini edlule lapho uPetersen eqale khona ukugqama njengonozinti othenjwayo kwiChiefs kodwa akangakwazi ukuziveza njengosekulungele ukuthatha izintambo ku-Itu Khune.
“Uma uza kwiChiefs usuke wazi ukuthi u-Itumeleng Khune ulapha futhi abantu bayohlezi bekuqhathanisa naye,” kusho uBrandon Petersen.
Ubekhuluma ngesikhathi kuvulelwe abezindaba ekomkhulu leChiefs eNaturena ngoLwesithathu ekuseni.
“Ngiqonde ukuthi u-Itu Khune uyingwazi ephilayo futhi wenze kahle lapha eqenjini nakwelesizwe.
“Kodwa ekugcineni kosuku kukithi njengonozinti ukuthi siphakamise isandla ukuthi singauyivala indawo yakhe.
IChiefs ibuyise umqeqeshi wonozinti waseGermany, uRainer Dinkelakcer, ukuthi azolekelela ekucijweni konozinti.
Selokhu ahamba eminyakeni embalwa edlule, Amakhosi ahlulekile ukuthola omunye ozovala isikhala sakhe ozokwazi ukukhiqiza onozinti abasezingeni elifanayo nelakhe.
“Ukwengezwa komqeqeshi uRainer kube yisimanga. Ufike nolwazi olunzulu. Ube nempumelelo enkulu esikhathini esidlule neKaizer Chiefs,” kuphawula lo nozinti.
UBrandon Petersen ukholwa ukuthi isipiliyoni sakhe sizosiza kulo mkhakha wonozinti, oke wagxekwa ngokwehla kezinga eminyakeni embalwa edlule.
“Ube nempumelelo enhle no-Itumeleng Khune kwiKaizer Chiefs phambilini. Ukusebenza naye kulamaviki ambalwa edlule kube kuhle futhi ngifunde lukhulu,” kwengeza uPetersen.
Lo nozinti waseKapa uphinde waphawula ngamalungiselelo eqembu ngaphambi kwesizini. IChiefs ihlulwe emidlalweni yayo emibili yokuzilungiselela ebivezwe kabanzi kumabonakude ibhekene neYoung Africans neTownship Rollers.
“Ngeke ngisho ukuthi imidlalo yokulungiselela isizini ayizange ibe mihle ngenxa yokuhlulwa kabili.
“Le midlalo imayelana nokuzilungiselela, usuke uzama izinto ezihlukene nokwakha, izinto ezinjalo nje…
“Ngakho-ke noma uyawina noma uyahlulwa akusho lutho, okubalulelile ulwazi olutholayo,” kuchaza uPetersen.
“Ekugcineni kosuku kumayelana nokuthatha okusebenzile nokubona okungasebenzanga bese ukushiya emuva.
“Ngokusobala, uma siya emdlalweni wangempelasonto, kulapho kumele sizibonakalise khona kahle.
“Ngakho-ke, imidlalo yokulungiselela isizini ngeyokuthi uthole ulwazi bese uthatha okuhle nokusebenzile uqhibeke nakho, ubeke eceleni lokho okungasebenzi.”
FUNDA NALA: IMamelodi Sundowns isacinga inkundla ezodlala kuyo neChiefs
IChiefs izobhekana neChippa United emdlalweni wayo wokuqala weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-3 ntambama.