‘Ihlabene’ iCity Rovers ngo‘Tower’ omusha uSabelo Phakathi
Njabulo Shezi
Kubatshwazwa ikhono kumdlali osemncane, uSabelo Phakathi osayinwe yiqembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship Platinum City Rovers.
Lesi sitobha eside seize saqanjwa igama lesidlaliso sokuthi nguTower, okuyigama okuteketiswa ngalo u-Erick Mathoho obedlala kwiKaizer Chiefs.
Ngokusho kukaTebogo Moloi okunguye owavundulula lo mdlali futhi wamkhulisa ngaphansi kweso lakhe, ungumdlali osezingeni eliphezulu impela.
USabelo Phakathi, oneminyaka engu-22, ubedlala eqenjini leDiski Challenge leMaritzburg United njengoba manje esethole kwiRovers nje.
Usayine inkontileka yeminyaka emibili kuleli qembu, kodwa uMoloi uthi engabheja ukuthi kuzophela le sizini ezayo esefunwa amaqembu eDStv Premiership.
UMoli nguye owavundulula abadlali okubalwa kubo noSibongiseni Mthethwa weStellenbosch FC noMelusi Buthelezi we-Orlando Pirates.
“Ngamusa kwiJomo Cosmos eseneminyaka engu-17, ngemuva kancane kokuba bethathe uMelusi (Buthelezi).
“UBra J (uJomo Sono) wabe esemkhuphulela eqenjini elikhulu kodwa akuphelanga nezinyanga ezine yamlanda iMaritzburg yamfaka eqenjini layo leDiski.
“Ngaleso sikhathi wayesebizwa naseqenjini lesizwe lika-Under 20 kanti isizini edlule iphele esejima neqembu elikhulu leMaritzburg,” kuchaza le nsizwa eyayidlala kuyo iMaritzburg.
Uthe ngesikhathi iMaritzburg isatatazeliswa wukuthi idliwe yizembe, iRovers ifike isigiijima yambekela into abebengeke bayinqabe etafuleni.
“Thina asinankinga nokuthi udlala kuliphi iqembu. Khona siyathanda ukufukula amaqembu ethu la eKZN, kodwa uma kuvela ithuba kwamanye ngeke siwayeke.
“Lawa ethu abuye athathe kude yingakho noMthethwa agcina evelela kwiBlack Leopards nje. NoMelusi samzamela la ekhaya kodwa waze wathathwa uBra J.
“Ngingakuhlebela ne ukuthi isizini izophela sezishaye ulayini izesheli zizomfuna ngakho iRovers izozuza kakhulu ngoSabelo Phakathi, mina engimbiza ngoTower.
FUNDA NALA: UFarouk Kadodia uvule ithuba kwabafisa ukuhlala kwiPremiership
“Hhayi enkundleni nje kuphela, kodwa nangenzuzo abazoyenza uma sebemdayisa uma kuwukuthi banquma ukwenza njalo.”
USabelo Phakathi ungowokuzalwa eSankotshe, okuyindawo esemakhaya engaseHammarsdale.