Usevumbuke kwiTS Galaxy oxoshelwe ukugoloza kwiChiefs
Umdlali wasemuva osemncane obedlala eqenjini leDStv Diski Challenge kwiKaizer Chiefs, uPuso Dithejane usethole ithuba elisha kwiTS Galaxy.
Lokhu kulandela ukuthi lo mfana oneminyaka engu-19 nozakwabo ababili bakhonjwe indlela kwiChiefs kanti kuvela ukuthi lokhu kungenxa yokungaziphathi kahle kwabo.
Kuthiwa bagoloza ukuba ngabafanyana abaqoqa amabhola emidlalweni njengoba bezibona sebefanelwe wukudlala eqenjini elikhulu.
Akumthathanga sikhathi esitheni ke uDithejane ukuba athole ikhaya elisha la azodlala khona eqenjini elikhulu njengoba esesayinwe yiGalaxy.
“Sinenjabulo ukumemezela ukuthi sesisayine uPuso Dithejane, obedlala eqenjini leDDC kwiKaizer Chiefs.
“Siyakwamukela ekhaya lakho elisha Young Rocket,” besifundeka kanje isitatimende saleli qembu esinamekwe ezinkundleni zokuxhumana.
Kuvela ukuthi imsayina nje iGalaxy beyinezimbangi nazo ebezimfuna lo mfana okuyiSekhukhune United neSupersport United.
Yize ebengakaze adlale eqenjini elikhulu kwiChiefs, kuqagulwa ukuthi unekusasa elihle njengoba elivezile ikhono lakhe kwiDDC.
ITS Galaxy iyaziwa ke ngesibindi sayo sokunikeza abadlali abasebancane ithuba, futhi ayibavimbi uma sekuvela ithuba lokudlulela phambili.
FUNDA NALA: ISekhukhune iya nomqeqeshi omusha kowePirates
Kumanje u-Aphelele Teto, oneminyaka engu-20, usedlala kwiLivingston eScotsland kulandela ukunikwa ithuba kwiGalaxy ngesizini edlule.