EzakamuvaIbhola

Izoyiqala ekhaya eHarry Gwala indlela ebuyela kweloju iMaritzburg

Njabulo Shezi

Izoqhubeka nokuyidlalela eHarry Gwala Stadium imidlalo yasekhaya iMaritzburg United esizogijima kwiMotsepe Foundation Championship. 

Leli qembu ebeliheha inqwaba yabalandeli kule nkundla eseMgungundlovu lizoyivula ngomkhaya balo baKwaZulu-Natal iMilford FC. 

Imidlalo yalesi sigaba izoqala ngo-Agasti 25, ngokohlu olungakaqinisekiswa lwemidlalo olukhishelwe amaqembu alesi sigaba. 

Impempe iboniswe ngumthombo wayo ula lwale midlalo, nokuyila ibone khona ukuthi iMaritzburg izoyidlalela eHarry Gwala Stadium imidlalo yayo yasekhaya. 

Lokhu kusho ukuthi izobe isemseni weRoyal AM edlala kwiDStv Premiership nokuyiyo esinikwe le nkundla ngumasipala wakuleli dolobha. 

Kuzokhumbuleka ukuthi sike sabika ngesikhathi kuxetshulwa izithombe zeMartzburg eHarry Gwala Stadium ngeviki elidlule. 

Lokhu bekwenzelwa ukuthi kufakwe ezeRoyal AM ukuze kubonakale ukuthi sekuyiyo inkunzi ekhonya kulesi sibaya. 

Nangaphandle ibhodi elinombhalo wal enkundla selishintshiwe, kwafakwa ukuthi iyikhaya leRoyal AM. 

Ixoshwa eHarry Gwala nje iMaritzburg kulandela ukuthi yehlulekile wukuvika izembe ngesizini edlule. 

Bese kuyiminyakanyaka ke nokho liyizingela njengoba ligcine liyitholile nje. Manje seyinike uZipho Dlangalala umsebenzi wokuyibuyisela esigabeni esiphezulu. 

Lo mqeqeshi kuzomele aliqale kabusha ngabanye abadlali iqembu njengoba iningi labebekhona ngesizini edlule sebethengwe ubuthaphuthaphu nje. 

Enye into abaphathi abathe bafuna ukuyilungisa wukuthi lisebenzise abadlali bendawo ikakhulukazi, okuyinto elibakhela isigcwagcwa phambilini. 

Ukuthi isazokwazi yini iMaritzburg ukuheha izindimbane zabantu eHarry Gwala sekuzocaca ngoLwesihlanu luka-Agasti 25. 

FUNDA NALA: UKhomphela uzoyivuselela iSwallows, kusho u-Erick Ramasike

Ngesikhathi ikwiPremiership, bekugcwala mpu kule nkundla uma idlala ekhaya ngoLwesihlanu, kodwa abalandeli bephume sebephoxekile selishayile iqembu.