EzakamuvaIbhola

Kuqhilika izihlathi kuJose Riveiro ngonozinti bePirates

Njabulo Shezi

UJose Riveiro ujabulile ngombango wejezi konozinti kwi-Orlando Pirates futhi ulindele ukuthi bonke bafake isandla kule sizini njengoba bezobe belwela izindebe ezinhlanu nje.

IPirates ibophele uRichard Ofori, uSiyabonga Mpontshane, uSipho Chaine noMelusi Buthelezi ezintini kule sizini.

Kukhona noSiphamandla Gumede othengwe kwiDondol Stars nokulindeleke abolekiswe eqenjini leMotsepe Foundation Championship ukuyothola amava.

UButhelezi ujoyine leli qembu esuka kwiTS Galaxy. U-Ofori, obelimele ngesizini edlule, useluleme ngokugcwele. 

UChaine yena ufiike kwiPirates ngoJanuwari esuka kwiChippa United kanti uMpontshane,osekhulile ngeminyaka ubevele ekhona.

“Sisesimweni esimangalisayo ngonozinti. Iqembu liqinile futhi nakonozinti akuhlukile,” kusho uJose Riveiro kabezindaba ngoLwesithathu.

“Sinonozinti abane abahle kakhulu, bonke bakulungele ukusisebenzela, bakulungele ukudlala ngezindlela ezihlukene.”

Ngokwebhola lesimanje, unozinti akasebenzi ukuma epalini nje avimbe amabhola eza kuye kuphela. 

Kodwa useyadingeka uma iqembu liqala iminyakazo yokuhlasela esuka emuva. Kumele aphinde athiphe nabadlali baphakathi la abona khona izikhala. 

“Engikulindele ukuthi baqhubeke nokukhula ekudlaleni kwabo ngendlela esiza iqembu zonke izigaba zomdlalo, hhayi esigabeni sokuvimba kuphela.

“Kubalulekile ukuthi sibe nonozinti abakhaliphile ngoba siyiqembu elithanda ukugcina ibhola uma lidlala. 

“Indlela esidlala ngayo yenza onozinti badingeke ukuthi belokhu bevela nabo besiza ukuqala iminyakazo.” 

IPirates iliqinisile iqembu nakwezinye izindawo kanti kunabadlali abalandeli abababheke ngabomvu ukubabona bukhoma.

IBhakabhaka njengamanje lilungiselela ukuvakashela iStellenbosch emdlalweni walo wokuvula weDStv Premiership eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo (8pm). 

UJose Riveiro, odabuka eSpani, uthe abanye abadlali abasha abasayinise basalandela emuva futhi ngeke babonakale kulo mdlalo.

“Abadlali abasha abekho ezingeni elifanayo lokulungela ukudlala  ngoba abaqalanga kanyekanye, ngakho bahamba ngezinhlelo ezahlukene zokuzilolonga,” usho kanje.

“Kodwa iningi labo lisondele futhi abangakakulungeli nabo abekho kude kakhulu. 

“Wonke umuntu udinga isikhathi sokujwayela kahle isimo saseqenjini nozakwabo abasha.

FUNDA NALA: Mkhonza: ‘Sebeyayibaleka iDStv Pemiership abangaphandle’

“Uma sifuna ukuthi wena nabalandeli nibabekezelele, singabokuqala okufanele sibabekezelele sibanikeze isikhathi esifanele sokulungela ukudlala.”