UFarouk Kadodia uvule ithuba kwabafisa ukuhlala kwiPremiership
Alfred Ngubane
Uzama inhlanhla kuMaZulu FC uPhumlani Ntshangase kulandela ukukhululwa ngusihlalo weMaritzburg United uFarouk Kadodia ukuba ayozama engxenye.
Impempe ithole ukuthi uFarouk Kadodia ubize bonke abadlali bakhe, wabatshela ukuthi abafisa ukuyozama engxenye bengahamba.
Kuthiwa uthe uma amaqembu ebathatha, uzobakhulula kodwa uma bengalungi ndawo babuye kuye bezoqhubeka kwiMaritzburg.
“Usihlalo uyakuqonda ukuthi abanye abadlali ngeke bakumele ukwehla neqembu ngoba lokho kuzosho ukwehla kwemiholo,” kusho umthombo.
“Manje ubakhululile ukuthi baxoxisane nanoma yimaphi amaqembu angase abathande ukuze baqhubeke badlale kwiDStv Premiership.”
Kuzokhumbuleka ukuthi iMaritzburg isizodlala kwiMotsepe Foundation Championship njengoba idliwe yizembe ngesizini edlule.
Ngokuthola kwethu, uNtshangase ngomunye wabasebenzise leli thuba, wacelelwa ukuyojima noSuthu.
Inhloso yalokhu wukuthi ahehe amehlo kaPablo Martin ongumqeqeshieqenjini waMaZulu njengoba kuthiwa usafuna abadlali azoqinisa ngabo.
UNtshangase, odlala esiswini maphakathi nenkundla, ungomunye abaziwa ngenhlonipho yabo ebholeni lakuleli.
Amava akhe awangabazeki njengoba aqala ukudlala kwiBidvest Wits ngaphansi kukaGavin Hunt. Uyakwazi nokudlala emuva kwesokudla.
“UNtshangase uzama inhlanhla kuMaZulu ngenxa yokuthi iqembu lakhe elidala iMaritzburg igencwe yizembe ngesizini edlule.
“Sizolinda ukuthi abaqeqeshi nezikhulu banqume ngaye maduze nje njengoba bezoqinisekisa iqembu labo,” kusho omunye umthombo.
Usuthu kulindeleke ukuthi lubadedele ekupheleni kweviki abanye babadlali ebelinabo bezozama inhlanhla uma bengaphumelelanga.
Leli qembu lizobe seliqedile ngezinhlelo zokulungiselela isizini njengoba ngoMgqibelo liqala imidlalo yeDStv Premiership.
FUNDA NALA: ‘UNgezana uzophumelela eRomania,’ ukusho uReeve Frosler
Lizoqala ngomdlalo la lizobhekana khona nomkhaya balo baKwaZulu-Natal iRoyal AM eHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.