Uzinuke amakhwapha uChivaviro iChiefs ibambana neGalaxy
Uzisole ngaokungashayi igoli lesithathu umgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro bebambana neTS Galaxy ngo 2-2 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Lo mgadli uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium njengoba kunguye oshaye womabili amagoli eChiefs kulo mdlalo.
Nokho kunethuba elimhlule umdlalo usuzophela okuyilo elimenze wazibona elenzele phansi iqembu.
“Bekunzima, ikakhulukazi sesishoda ngomdlali oyedwa, bese kumele silwele umphumela ikakhulukazi uma ubheka umphumela wethu odlule.
“Size kulo mdlalo sifuna amaphuzu agcwele,” kusho uChivaviro ngemuva komdlalo. “Ngeshwa lethu siphume nephuzu elilodwa, manje sekumele sibhele olandelayo.”
Uvume ukuthi baye kulo mdlalo bezifakeke ingcindezi yokunqoba njengoba imiphumela ibaphika selokhu kuqale lo nyaka.
“Vele kuba nokukhathazeka (uma imiphumela ingavumi) ngoba siyiqembu elikhulu.
“Impela imiphumela ibisiphika, kodwa ekugcineni sikuleli zinga elikhokhelayo ngakho kumele sibheke umdlalo ngamunye.
“Namuhla sidlale singasaphelele kodwa sakwazi ukugwaba umphumela. Manje sesibheke umdlalo olandelayo.”
Uzisole nangokuthi akawasebenzisana wonke amathuba awatholile.
“Yonke imidlalo iyithuba elihle kimi (lokushaya amagoli). Wonke umgadli kwiKaizer Chiefs ufisa ukusebenzisa wonke amathuba awatholayo.
“Siyasekana, noma ngabe yimuphi umgadli odlalayo, abanye bamfisela ukuthi ashaye amagoli ngoba sinqoba ngokuba yiqembu, hhayi ngomdlali ngamunye.
“Kodwa ke ngijabule ngokuthi ngikwazile ukushaya amagoli amabili – bekumele ngabe abe mathathu.
“Kodwa ke njengoba bengishilo, sizobuyela emuva (ejimini) silungiselele umdlalo olandelayo.”
IChiefs iyona elibone kuqala la lingakhona ipali ngesikhathi uChivaviro ebhakuzisa inethi kulandela iphutha likaMpho Mvelase ebhokisini langakubo.
Lo mdlali uzame ukujika abagadli beChiefs kodwa ibhola lamphunyula, uChivaviro walifaka ubhozo lasho enethini.
USiphiwe Mahlangu uyibuyisele emdlalweni iGalaxy ngomzuzu ka-32, kwacaca ukuthi zizoshukana impela kulo mdlalo.
Kube yiphenathi eqhamuke ngokuthi u-Edmilson Dove abambe avimbe ibhola ngengalo esebhokisini.
IChiefs seyilahlekelwa umdlali ngesikhathi u-Edmilson Dove ethola ikhasi lesibili elibomvu ngomzuzu ka-45.
Kodwa ibuye ngamandla esiwombeni sesibili futhi iphinde yahamba phambili ngegoli lakhe belu uChivaviro.
IChiefs beyithole ibhola ebelibekwe phansi, walibasela enethini lo mgadli ongakujwayele nokuthola ijezi.
Ubuyile uMahlangu ngomzuzu ka-76, wangqofela enethini ibhola obekukade kuyikhona, izitobha zeChiefs zahuqa ubuthongo.
FUNDA NALA: Usakhala ngokushwetshiswa yiDowns eseligi uNgezana
Unozinti weChiefs obesebentshini, uBrandon Petersen ukhishwe ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-87 kulandela ukukhuluma kabi kunompempe.