EzakamuvaIbhola

Ziyanda izesheli ezizifela ngesihlabani sePirates

Izinkunzi zaseScotland, iGlasgow Rangers sezibe yiqembu lakamuva ukuveza isifiso sokuthola isihlabani esisakhuliswa se-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng.

Lo mdlali oneminyaka engu-19 uke wamataniswa neRed Bull Salzburg yaseGermany, i-Al-Ahly yase-Egypt nelase-Englanda iWolves. 

IWolves kuzokhumbuleka ukuthi ize yamcela ukuthi ake afike azozicija nayoo ukuze imbonele eduze. 

Kodwa manje izindaba zakamuva ezivela eScotland, ukuthi iRangers ilandela uMofokeng ngethemba lokumsayinisa ngaphambi kwesizini entsha yeScottish Premier League.

UMofokeng uphinde wayozilolonga neReading FC kanti leli qembu leLeague One kukholakala ukuthi lifuna ukumsayina.

Ngemuva kokudlala imidlalo emibili kuphela ngesizini yakhe yokuqala kwiPirates ngesizini ka-2022/23, uMofokeng usephenduke ukhiye eqenjini likaJose Riveiro.

Lo mfana, ojoyine inkulisa yePirates esuka kwaTransnet School of Excellence, usedlale imidlalo engu-34 kuyo yonke imiqhudelwano kumaBhakabhaka kule sizini.

Useshaye amagoli amane, wakhela ozakwabo amathuba okushaya igoli amahlandla ayisithupha.

Njengoba eqhubeka nokuzifaka ezinhliziyweni zabalandeli, futhi nokuzethemba kwenyuka, namehlo amaqembu angaphandle azokwanda.