EzakamuvaIbhola

UFranco Martin ukhala ngokuhujiswa utalagu kuMaZulu

Alfred Ngubane

Umqeqeshi waMaZulu FC, uFranco Martin ukhala isililo senkawu encelisayo ngokubambezela kokuqashwa kwakhe nguSandile Zungu, umengameli waleli qembu. 

Lo mqeqeshi odabuka eSpain wethulwe emavikini amathathu edlule kulandela ukunikwa kwakhe lo msebenzi wokucija Usuthu. 

“Ngizibona ngiphambane nesizini yokuthengwa kwabadlali emakethe njengoba ngifike amaqembu ebabutha nje,” kusho uFranco Martin. 

“Kumanje kuxega kuzo zonke izindawo eqenjini lethu kodwa akusekho lutho emakethe,” kuchaza lo mqeqeshi. 

Ukhala kanjena nje uFranco Martin kubhekwe ukuthi akhalele kwizinsalela zabadlali abangenawo umsebenzi kwezinye izindawo.

Kumanje Usuthu lunabadlali abazama inhlanhla abaqhamuka kuleli nakwamanye amazwe ase-Afrika. 

Lesi sililo esingapheli sidala kuMaZulu njengoba noBenni McCarthy akhala esifanayo kodwa waze wahamba engathuliswanga muntu. 

UFranco Martin ukhombisa izimpawu zokukhathazeka kakhulu ngokufika selidume ladlula ekuthengweni kwabadlali kuleli. 

Bonke abadlali abanamava nohlonzo sebevele abebesemakethe sebewatholile amaqembu amasha. 

Lokhu kwenza kucace ke ukuthi ayamfimfa amathuba okuthi kukhona okuhlukile Usuthu olungakwenza kule sizini. 

Pheka uzokhumbula ukuthi amanye amaqembu, afana neMamelodi Sundowns, Orlando Pirates, Kaizer Chiefs, SuperSport United, neSikhukhune United asebenze kusakhanya emakethe. 

AmaZulu nangesizini edlule ashaye udaka njengoba nendawo yeMTN 8 eyizwe ngendaba kwazise abemuka nomfula ngasekupheleni kwesizini. 

Khonamanjalo basekhona abadlali okukhona kubo noPhulani Ntshangase abasazama inhlanhla kuMaZulu okulkindeleke bazi ukuthi kwenzakalani njengoba kuphela iviki nje. 

FUNDA NALA: UPetersen uvuma eyokugqilaza kwegama lika-Itu Khune kwiChiefs

Isikhulu sezokuxhumana kuleli qembu, uBrilliant Mkhathini, sithe ngabaqeqeshi abazonquma ukuthi bakhona yini abadlali ababdingayo kulaba.