URulani Mokwena udalula okubalalisa obenyoni kwiSundowns
Njabulo Shezi
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena useveze ukuthi leli qembu lisebenza ubusuku nemini ukuthola inkundla ezoba yikhaya lalo lesikhashana.
Inkundla yaleli qembi, iLoftus Versfeld iyalungiswa njengoba kutshalwa utshani obusha kuyo. Kuzothatha izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi isebenziseke.
Nokho lokhu sekushiye iSundowns nesizemazema senkinga yokuthi lizowudlalelaphi umdlalo walo weDStv Premiership neKaizer Chiefs ngo-Agasti 9.
IMbombela Stadium neLucas Moripe yizo izinkundla okusavele ukuthi kucatshangelwa kuzo. UMokwena uveze nokuthi ziningi nezinye ezibhekwayo.
iSundowns izoqala umkhankaso wayo weligi ka-2023/24 ekuhambeni neSekhukhune United emdlalweni osePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesihlanu kusihlwa.
Ekhuluma ohlelweni lwezemidlalo iGame On kuRadio 2000, uRulani Mokwena uvumile ukuthi udaba lwenkundla seluphenduke inkinga.
“Isiphathisa ngekhanda elibuhlungu elisenza singalali ebusuku,” kusho lo mqeqeshi.
“Kodwa mningi umsebenzi owenziwayo… Ikakhulukazi ngabaphathi abakhulu. Sizama ukwenza isiqiniseko sokuthi, okungenani ngemidlalo yethu yasekhaya, sinenkundla enhle.
“Yingakho ke sijabule kakhulu ukuthi kukhona ukushintshwa kotshani eLoftus. Le nkinga esinayo eyesikhashana.
“Kodwa mkhulu umsebenzi owenziwayo. Sizama ukubona ukuthi singakwazi yini ukuthola imvume yokusebenzisa iLucas Moripe.
“Iqembu ngeke likwazi ukusingatha imidlalo yesigaba A eTuks Stadium, okuyinkundla yesithathu esiyibhalisile,” kwengeza uRulani Mokwena.
“Ngakho-ke kuye kwadingeka ukuthi sibheke izindlela ezahlukene, sike sabheka iFNB ngoba sidlale kuyona kumasizini amabili edlule sibhekene noPetro (de Luanda)…
“Kodwa ngenxa yezivumelwano zabo zenkontileka yabo neKaizer Chiefs, asikwazanga ukuyithola.
“Asikwazanga futhi nokuthola iMbombela nale yasePolokwane (iPeter Mokaba) ukuthi kube yizinkundla zethu zasekhaya,” usho kanje uMokwena.
IPeter Mokaba isetshenziswa yiSekhukhune kanti neSuperSport United neChiefs banemidlalo abazoyidlalela khona.
IMbombela isetshenziswa yiTS Galaxy namaqembu aseSwatini adlala imidlalo yeCaf nengoba izinkundla zakhona zingavumelekile.
Okunye ke, ngokusho kukaRulani Mokwena wukuthi iSundowns ayifuni ukuqhela kakhulu kubalandeli bayo basekhaya elikhulu ePitoli.
“ISundowns yiqembu lasePitoli, elibahloniphayo futhi elibazisayo abalandeli balo, futhi siyakwazisa ukuba khona kwabo kule midlalo,” kuchaza uMokwena.
FUNDA NALA: Alumelile amazwi kaMammila kwiKaizer Chiefs, izomgwinyisa wona
“Ngakho sizozama ukubeka phambili ukudlala imidlalo yethu yasekhaya eLucas Moripe.
“Sizama ukusiza ekutheni umasipala ukwazi ukulungisa okuthile okukhathaza i-PSL ngale nkundla.”