EzakamuvaIBetway Premiership

OwePirates ugculisekile bebambana neDowns koweligi

SIHLE NGUBO

Uncome ukudlala ngokuzimisela kwe-Orlando Pirates bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership, uLebone Seema odlala emuva kweZimnyama.

Lo mdlali uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo obudle ngokushuba eLoftus Stadium, kodwa kwagcina kungu 1-1.

“Besazi kuzoba nzima kodwa besizimisele ngokwenza konke ukunqoba umdlalo,” kusho uSeema kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Ngemuva kokuthi beshaye igoli siqhubekile nohlelo lwethu, sazama ukubuyela emdlalweni.

Ube esencoma unozinti wakhe uSipho Chaine ngokuhlale ememeza ebagqugquzela.

“USipho umuntu ohlale esenza sikhuthale. Kuhle kakhulu ukumuzwa ememeza emuva.”

Amathuba okushaya amagoli aqale ehlela iPirates emizuzwini yokuqala yomdlalo kodwa yangawasebenzisa.

Lokho kwenze yavuka yaziqoqa iSundowns, yazama ukuya phambili iyofuna amagoli.

Igoli ligcine liqhamuke ngomzuzu ka-20 noPeter Shalulile, kwachwaza iLoftus Stadium.

Izamile ukukhuphula izinga iBucs nokwenze ithole igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-35 elize noCemran Dansin.

Ushaye intuthu yegoli elikhale ekhoneni, wasala emile unozinti weSundowns, uRonwen Williams.

Ngesiwombe sesibili amaqembu abesedlala ngokucophelela, kungekho ebelifuna ukwenza iphutha.

Nokho ithuba elingcono litholwe yiBucs kodwa uSeema wehluleka ukushaya igoli esebhekene noWilliams.

Ukudlala ngokulingana kulo mdlalo kusho ukuthi iPirates ibiqala ukudlala ngokulingana emidlalweni yiligi selokhu kuqale isizini.

IBucs seyilingana neChiefs ngamaphuzu angu-19 kodwa ibuyele endaweni yesithathu ngenxa yomehluko wamagoli.

NgoLwesithathu iPirates izonikela eThekwini lapho izotholana phezulu neLamontville Golden Arrows kowePremiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-7.30 ebusuku.

IChiefs yona izobhekana ne-Orbit College eFNB Stadium, ngoLwesibili ebusuku.