Iyahohoza iPSL ngokungena kweSundowns kwiSuper League
I-Confederation of African Football isikuqinisekisile ukuqhubekela phambili neSuper League ngenyanga ezayo kodwa iMamelodi Sundowns ingase iphoqeleke ukuhoxa kulo mqhudelwano.
ISundowns ingelinye lamaqembu ayisishiyagalombili amenywe ukuba adlale lo mqhudelwano ozokhokha u-R75 million eqenjini elizowunqoba.
Kodwa ngenxa yokufika sekwedlule isikhathi kwencwadi eqinisekisa ukumenywa kwaleli qembu, kungenzeka ligcine lingangenanga kuwo.
Ngokubika kweSABC Sport kungase kube ukungqubuzana phakathi kwePSL neCaf ngalo mqhudelwano.
Sekuvele ukuthi iPSL ihlele umhlangano ophuthumayo webhodi ngoLwesine olwedlule eHyde Park, la inqume khona ukusinqaba lesi simemo seSundowns.
Isizathu kuthiwa wukuminyana kwemidlalo yakuleli njengoba iSundowns ivele idlala nakwiCaf Champions League nje.
I-Caf umdlalo wokuqala usuhlelelwe ukuba seTanzania la iqembu lakhona, iSimba SC lizodudulana ne-Al Ahly yase-Egypt ngo-Okthoba 20.
ISundowns, i-Enyimba (Nigeria), iWydad Casablanca (Morocco), iTP Mazembe (DR Congo), i-Esperance (Tunisia) nePetro de Luanda (Angola) yiwo amanye amaqembu azodlala lo mqhudelwano.
AmaBrazilians azovula nePetro ngo-Okthoba 21 ngokwezinhlelo zalo mqhudelwano iCaf ewubiza nge-African Football League (AFL).
Kodwa kuvela ukuthi iSundowns engompetha bamanje beDStv Premiership ingase iphoqeleke ukuhlukanisa iqembu layo phakathi, kube nelidlala lo mqhudelwano.
FUNDA NALA: Iqinise ibhawodi elingaxegi iSpurs, uBartlett akeneme
Nokho nakho lokho iPSL kuthiwa ayikuzwisisi kahle ngoba ikubona kuzohlambalaza igama leligi yakuleli.