EzakamuvaIbhola

Owayengukaputeni weBanyana Banyana uyoqeqesha eSweden

SIHLE NGUBO

Owayengukaputeni weBanyana Banyana, uJanine van Wyk, useqokwe njengephini lomqeqeshi kwiKristianstad DFF, edlala kwiSwedish Women’s Football, yaseSweden, kusukela ngesizini ka-2026.

UVan Wyk, ophethe irekhodi lokudlala imidlalo eminingi ebholeni lase-Afrika, kwabesilisa nabesifazane, njengamanje ungumnikazi weJVW, edlala kwiHollywoodbets Super League, ayiqale ngokubambisana noLauren Duncan.

Le ngwazi, ebiyisiqongqwane seqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iphethe irekhodi lase-Afrika lemidlalo engu-185 eqenjini lesizwe.

UVan Wyk waba ngumdlali wokuqala kwabesifazane kuleli ukuyodlala e-USA, lapho ayegijima kwiHouston Dash edlala kwiNational Women’s Soccer League.

Uyena obengukaputeni ngesikhathi iBanyana Banyana iyodlala kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa ngo-2019 eFrance.

Uphinde wahola ngempumelelo iqembu lesizwe linqoba iWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) okokuqala eMorocco ngo-2022.

“Ngesese kakhulu futhi ngijabule ngaleli thuba,” kusho uVan Wyk kwiCentreCircle.online.

“Ngizizwa ngihloniphekile futhi ngijabule ukuthi ngizojoyina iKDFF njengephini lomqeqeshi.

“Njengoba ngisuka eNingizimu Afrika lesi yisahluko esisha esibalulekile kimina, emsebenzini wami wokuqeqesha, ukuthi ngiyokhula kwiligi ephezulu.

“Ngiyalibonga kakhulu leli thuba lokuthi ngiphonse itshe esivivaneni eqenjini elihle nelihlonishwa kangaka.

“Ngikubheke ngabomvu ukusebenza kanzima nabo bonke abaseqenjini, nabadlali, ukufeza izinto ezinkulu.”

Kuzobe kungokokuqala uVan Wyk eyoqeqesha phesheya, kulandela ukuthola i-Uefa B Coaching License eScotland, neCAF B Coaching Diploma.

Uzoba yiphini likaNik Chamberlain, naye ozobe eqala ukuqeqesha iqembu ngesizini ezayo.

UVan Wyk uyena obengumqeqeshi weJVW FC kusukela ekuqaleni kwesizini, kanti iqembu likhona kwamahlanu aphezulu.

IBlue Diamonds isendaweni yesihlanu kwilogi ngamaphuzu angu-39 ngemuva kwemidlalo engu-20.

“Kuyinto emnandi ukwengeza ekubeni yiphini lomqeqeshi ngemuva kokusebenza njengomqeqeshi,” kusho uLovisa Strong oyimenenja yeKDFF, esitatimendeni seqembu.

“Kule minyaka edlule sikuthokozele ukuthola amava kusukela ekudlaleni ezingeni eliphezulu kubasebenzi bethu, futhi sithola lokho kuJanine.

“Njengomdlali nomholi indlela enza ngayo eyokuthi “yiqembu phambili ngaphambi kwalokho okufunwa yimina” – okuyinto esethemba ukuthi izosisiza njengoba sizama ukukhula.”