EzakamuvaIbhola

Udlale eshonelwe oshaye igoli koweSekhukhune ne-Sundowns

Sbongs Gumbi

Umdlali oqokwe njengovelele emdlalweni wokuqala weDStv Premiership, uJamie Webber udlale engabatshelanga ozakwabo ukuthi ushonelwe ngesikhathi iSekhukhune ibhekene neMamelodi Sundowns. 

Lo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, unqotshwe yiMamelodi Sundowns ngo 2-1, iqhubeka lapho yagcina khona ngesizini edlule ngokugqilaza. 

UWebber, oshaye elihle igoli nokho eligcine libe ngelokubika ekhaya, uveze izindaba zokushonelwa kwakhe ngemuba komdlalo. 

“Ngiboga uMdali ngethalente angiphe lona,” kusho uWebber ngemuva komdlalo njengoba ebeqokwe njengomdlali obevelele kulo mdlalo. 

“Bekuyiviki elinzima leli kimi ngoba ngishonelwe umkhulu wami futhi uyafihlwa nje kusasa (ngoMgqibelo, eKapa). 

“Kodwa mina ngeke ngikwazi ukuba khona ngoba bekumele ngibe lapha namuhla. Bengingafuni ukubatshela eqenjini ngoba bengifuna ukudlala namuhla. 

“Ngiyazi umkhulu la ekhona uyamoyizela ngoba uyaziqhenya ngami. Nabazali bami, umama nobaba bajabule.”

Cishe izosola inhlanhla iSekhukhune ngalo mphumela. Kanti neMamelodi Sundowns kumele iyibonge inhlanhla. 

Yize inhlanhla kungeyona into ongathi iyayidinga iSundowns, kodwa ivele yabanamathela zisuka. Umdlali weSekhukhune, u-Edwin Gymah ebambe ibhola ngesandla esebhokisini langakubo.

Kusukume uShalulile walibeka enethini. Bekungumzuzu wesishiyagalolunye kwenzeka lokhu. Kuthe kungakapheli nemizuzu emihlanu, kwabhimba futhi kwiSekhukhune.

UVusumuzi Mncube ukhishwe ngekhadi elibomvu kulandela ukuthi ekabhe uTeboho Mokoena kungenasidingo. 

Nokho ibambelele ngezidindi kwaze kwayiwa ekhefini lingangenanga elesibili.

Isiwombe sesibili siqale luseyiyo iSundowns ephethe umdlalo futhi isheshe yalithola negoli elesibili ngesikhathi uLucas Ribeiro eqedela umnyakazo, eshaya igoli lakhe lokuqala edlala okokuqala kuleli qembu. 

Kodwa iSekhukhune nayo ivukile, yabona ukuthi Isha nendlu. Ithole ibhola ebelibekwe phansi ngomzuzu ka-60. 

UJamie Webber, naye obedlala okokuqala, walibeka enethini wasala enxapha yedwa uRonwen Williams. 

Leli goli liyivusile iSekhukhune futhi ike yazama ukuthola elokulinganisa yize neSundowns beyingabanike thuba ifuna elesithathu.

Bese kusele imizuzu emine umdlalo uphele ngesikhathi uRivaldo Coetzee ekhishwa ngekhadi elibomvu kulandela ukukhahlela kwakhe uWebber kungenasidingo njengoba unompempe ubemjajele kade edlaliswe kabi.

FUNDA NALA: Wayekisa uyise emalolini ukuze akhulise abafowabo u-Itu Khune

Umdlalo uphele isithwele kanzima iMamelodi Sundowns, kodwa yakwazi ukubambelela yagcina iphume nawo amaphuzu amathathu.