EzakamuvaIbhola

AmaZulu amemezele izinguquko ezinqala ezathenjiswa uZungu

Njabulo Shezi

Asegcine elukhiphile uhlu lwabadlali abasha AmaZulu FC abazosiza leli qembu njengoba kuqala isizini entsha yeDStv Premiership. 

Umengameli waleli qembu, uSandile Zungu umemezele ukuthi basayine abadlali abayisishiyagalolunye. 

“AmaZulu abe nohlelo lwamaviki ayisithupha olube yimpumelelo lokulungiselela isizini,” kusho uZungu. 

“Sidlale imidlalo engu-12 sibhekene nanaqembu ase-KZN nelase-eSwatini, sinqobe kwengu-11. 

“Kuyasijabulisa ukumemezela ukuthi sisayine abadlali abasha ngezinkontileka ezisukela eminyakeni emithathu kuya kwemine,” kuchaza uZungu.

AmaZulu aphinde achitha abadlali abangu-14 okukhona kubo nabadayisiwe. Nokho iningi labo baxoshiwe.

“Ngokuhamba kwesikhathi sizomemezela ezinye izinguquko eqenjini, uma kwenzeka ziba khona,” kusho uZungu.

Kunezinguquko nakubaqeqeshi bezinkulisa njengoba uReneilwe Letsholonyane sekunguye ozocija eleDStv Diski Challenge.

“Ebhentshini laMaZulu kuzobe kukhona abaqeqeshi abavelele abalandelayo, okungoPablo Franco Martin (umqeqeshi), u-Aitor van den Brule (oyiphini lokuqala), Siboniso Nini Vilakazi (oyiphini lesibili) noWayne Sandilands (umqeqeshi wonozinti). ”

“UMotuba Mokoena uqokwe esikundleni sobumenenja ngemuva kokushiya kukaQedi Dlamini

“Sifisa ukubonga uQedi wodumo ngomsebenzi wakhe omuhle awenzele AmaZulu eminyakeni edlule.

“Imizamo yokuthola umqondisi nesikhulu sezokuxhumana nomphakathi isahamba kahle. 

“Izimemezelo zizokwenziwa ngokuhamba kwesikhathi uma sekuphothulwa lezi zinhlelo,” kuqhuba uZungu.

AmaZulu aphinde amemezela lezi zinguquko ezilandelayo ngaphakathi kwezinhlaka zokuqeqesha ezinkulisa.

  • Kwi-U15: UTaoni Banda ukhushulelwe esikhundleni sokuba ngumqeqeshi omkhulu kanti uzosizwa uPrincess Motaung.
  • Kwi-U17: UBrice Petersen ukhuphukela kwi-u17 futhi uzosizwa ngu-Amanda Sithole.
  • Kwi-U19: U-Andile Cele uyaqhubeka njengomqeqeshi oyinhloko we-U19 kodwa uzophinde angene esikhundleni sokuba yiphini lomqeqeshi eqenjini leDDC.
  • Kwi-DDC: UReneilwe Letsholonyane ungumqeqeshi omusha weDDC esebenzisana no-Andile Cele, Aubrey Vilakazi, Sanele Dlamini, Mkhuliseni Mkhize noBukelani Mthembu ozoba yimenenja yeqembu.

Abadlali abasha: Wayde Jooste (32), Rowan Human (22), Victorien Adebayor (26), Celimpilo Ngema (26), Siyanda Hlangabeza (22), Victor Letsoalo (30), Mlondi Mbanjwa (26), Andile Kwanele Mbanjwa (25), Mfanafuthi Mkhize (27).

FUNDA NALA: Udlale eshonelwe oshaye igoli koweSekhukhune ne-Sundowns

Abadlali abadedeliwe yilaba: Guily Manziba, Rally Bwalya, Lehlohonolo Majoro, Keegan Buchanan, Dumisani Zuma, Jean Noel Amonome, Thendo Mukumela, Lankie Khoza, Thabo Qalinge, Sbongakonke Ndlovu, Kabelo Makola, Samkelo Mgwazela, Sphelele Zulu, Jody February noGabadinho Mhango.