UFikizolo uthola ikhaya elisha kwelePremiership
Usezinhlelweni zokuthola ikhaya elisha eqenjini elidlala kwiDStv Premiership u-Andile “uCarrot” Fikizolo osanda kushiya kwiLamintville Golden Arrows.
Lo mdlali waseNanda ngokuzalwa, uzoqala ukuzoqeqesha nePolokwane City maduzane ngenhloso yokuheha iso lethimba labaqeqeshi beqembu.
UCarrot, oneminyaka engu-29, usanda kwehlukana naBafana Bes’thende abamnikeze amaphepha akhe ngenyanga edlule.
Lokhu kungenxa yokuthi ubesefuna ukuyozama umsebenzi eqenjini elihlukile njengoba ijezi ubeselizwa ngendaba kuleli qembu laseThekwini.
UFikizolo, oseke wagijima kwiThanda Royal Zulu, Bloemfontein Celtic, SuperSport United neRoya Eagles, uzofikela ezandleni zikaLehlohonolo Seema ongumqeqeshi kwiRise and Shine.
UCarrot noSeema banobuhlobo obuhle njengoba bake basebenza kahle ndawonye kwiPhunya Selesele nakwi-Arrows.
Impempe.Com ihoshe ngomthombo wayo othembakele ukuthi lo mdlali uzosayina maduzane kuleli qembu.
“UFikizolo usondelene kakhulu noSeema njengoba lo mqeqeshi ekholelwa kakhulu kuye.
“Futhi abaqalanga ukusebenza ndawonye kwi-Arrows kodwa baqala besakwiBloem Celtic kudala,” kusho lo mthombo.
“Maningi kakhulu amathuba okuthi lo mdlali aphethe ngokusayina kwiCity. Uvele ubenezesheli eziningi kwiPSL kodwa uthathe isinqumo sokuya kwiCity.” IRise and Shine, ebe ngompetha beMotsepe Foundation Championship isanqobe imidlalo emibili kweyisithupha kwiDStv Premiership.
FUNDA NALA: Ishayiwe impela iPirates, kodwa kukhona okuhle okuvelile
Isihlulwe kwemine. Emdlalweni wayo olandelayo izokwamukela AmaZulu FC NgoMsombuluko ePolokwane. Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama.