ISundowns isayinise omunye umdlali weBafana Bafana
SIHLE NGUBO
Umgadli weBafana Bafana, uLebogang Mothiba, usenikwe inkontileka yesikhashana ompetha beligi iMamelodi Sundowns njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali.
UMothiba kuvela ukuthi unikwe inkontileka yezinyanga eziyisithupha okuzothi esekhona eChloorkop kube kubhungwa ukuthi angahlala yini isikhathi eside kunalokho.
Lo mgadli, oneminyaka engu-28 ukhulele enkulisa yeSundowns lapho ehlale khona phakathi kuka-2007 no-2009. Ngemuva kwalokho ube eselibangisa eFrance lapho esedlalele khona amaqembu amaningi.
Uqale kwinkulisa yeLille, wanyuka waya kwiLille B, waze wagcina edlalela iqembu elikhulu ngo-2017 kuya ku-2018. Ngemuva kwalokho ubolekiswe kwiValenciennes kwathi ngo-2018 kuya ku-2022 waya kwiStrasborg.
Ubebolekiswe kwiTroyes kusukela ngo-2022 njengoba ezithola ebuyela lapho aqala kwiSundowns. UMothiba umdlali wesibili weBafana ukusayina kuBafana Ba’Style njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Emasontweni edlule iSundowns, ezihola phambili kwilogi yeBetway Premiership, ihlabane ngomdlali osemncane uJayden Adams obedlalela iStellenbosch FC.
Lo mdlali usejwayele ukubizwa kwiBafana futhi maningi amathuba okuthi uzobe ekhona eqenjini lesizwe uma seliyodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco, ngasekupheleni konyaka.
Uma uMothiba eqhubeka nokuhlala kwiSundowns (ngemuva kwezinyanga eziyisithupha) bese athole ithuba lokudlala, naye angazithola ebuyela kwiBafana ngoba ubengekho emidlalweni eminingi ngonyaka odlule.