EzakamuvaIbhola

AmaZulu acathamela isibabuli somgadli weSundowns

Njabulo Shezi

IMamelodi Sundowns izimisele ukudedela umgadli uThabiso Kutumela, okuthiwa ubhekwe ngabomvu AmaZulu FC neCape Town City.

UKutumela ujoyine iSundowns ngo-2021 ngemuva kokuqeda engumgadli ohamba phambili ngamagoli kwiMaritzburg United. 

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi lo mgadli uthole kunzima ukungena esikimini kwiSundowns njengoba sekuvela ukuthi angase ashiye nje. 

Udlale imidlalo engu-11 kuphela kuyona yonke imiqhudelwano ngesizini edlule njengoba bekuthenjelwe kakhulu koPeter Shalulile noCassius Mailula.

AbeSABC Sport babika ukuthi iDowns ingamdedela uKutumela ukuthi ahambe noma abolekiswe uma kukhona iqembu elimdingayo. 

Njengamanje kubonakala AmaZulu kuyiwo angase amthole lo mgadli njengoba eshoda nje phambili. Kodwa azombanga neCity nayo ezibhekile kuye.

Akukhona okokuqala AmaZulu ekhombisa intshisekelo ngalo mgadli oneminyaka engu-30 njengoba azama ukumsayina nangaphambi kokuthi aye kwiSundowns. 

Okungase kusebenzele iCity wukuthi uKutumela useke wasebenza no-Eric Tinkler phambilini kwiMaritzburg nakwi-Orlando Pirates.

AmaZulu ayashoda wona phambili okuyinto umqeqeshi wawo uPablo Martin aseyisho kaningana. 

Kuleli viki adedele uGabadinho Mhango osejoyine iMoroka Swallows. Abevele ke esehlukane nanoLehlohonolo Majoro.  

UKutumela ubenethemba lokuthi ukuhamba kukaMailula, osayinwe yiqembu elidlala kwi-US Major League, kuzomvulela isikhala. 

Kodwa ngeke sibe khona njengoba kusayinwe uLucas Ribiero waseBrazil oshaye igoli edlala okokuqala kuleli qembu ngoLwesihlanu. 

UKutumela ugcine ukubonakala edlala ngesikhathi iSundowns ibhekene noSuthu ngasekupheleni kwesizini edlule. 

FUNDA NALA: U-Edmilson Dove ubona umehluko oza noNtseki kwiChiefs

Iwindi lokudayiselana ngabadlali lizovalwa ngoSepthemba 15, okuzonika AmaZulu noma iCity isikhathi esanele ukuzama ukuthola lo mdlali.