Umqeqeshi weChiefs uncoma amagalelo ka-Ighodaro
SIHLE NGUBO
Ukwelulama komgadli weKaizer Chiefs, u-Etiosa Ighodaro, kubukeka kubuyise ithemba lamagoli kuleli qembu laseNaturena.
Lo mdlali waseNigeria akakwazanga ukuqala isizini neqembu ngenxa yokuthi ubethintekile ngesikhathi kuqala imidlalo yeBetway Premiership.
Kuhlalukile ukuthi iChiefs ayidlali ibhola elibi kodwa inkinga enkulu ukushaya amagoli.
Bekungokokuqala iChiefs ishaya amagoli amathathu kule sizini, ngesikhathi ibhaxabula i-AS Simba, yaseDemocratic Republic of Congo, ngo 3-1 emdlalweni weCAF Confederation Cup ngempelasonto.
Elinye lamagoli eChiefs lishaywe u-Etiosa Ighodaro ngomzuzu wesithathu umdlalo uqalile, kanti amanye amabili eze noGlody Lilepo noZitha Kwinika.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi weChiefs, uCedric Kaze, uzwakalise ukwesasa ngokuba khona kuka-Ighodaro eqenjini lakhe.
“Siyajabula kakhulu ngokudlulela phambili siye emidlalweni yamaqoqo,” kusho uKaze kwiSABC Sport.
“Lokhu kungumlando eqenjini, uyabona nje ukuthi abalandeli bethu bajabule.
“Ngicabanga ukuthi siye emdlalweni nomqondo okahle kusukela emizuzwini yokuqala.
“Besifuna ukwenza izinto zenzeke futhi ngijabule kakhulu ngeqembu, abadlali benze umsebenzi omkhulu benzela nabalandeli.
“Ukuba nomdlali ofana no-Ighodaro ebhokisini, umgadli onzima emoyeni, kusisize kakhulu.
“Ijubane likaLilepo lenza ukuthi ukwazi ukuba nezinto eziningi enkundleni.”
Indlela izinto ezimi ngayo kwiChiefs kubukeka kuzoba nokuncintisana okuhle ku-Ighodaro, uKhanyisa Mayo, osalimele, noFlavio da Silva, osanda kwelulama ekulimaleni.
IChiefs kuzomele iphinde izame ukushaya amagoli uma seyibhekene neDurban City emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ebusuku.

