USteve Komphela unohlelo lokuqondisa ‘izidakwa’ zimdlalele kwiSwallows
Alfred Ngubane
Akazisoli uSteve Komphela ngabadlali abadume kabi abasayinile kwiMoroka Swallows ngoba uthi unohlelo azolusebenzisa kubo.
ISwallows ithuse abaningi iqoqa abadlali abathathu abaxoshelwe ukungaziphathi kahle nezinsolo zokuphuza ngokweqile la bebekhona.
Nokho uSteve Komphela uzishaya isifuba ukholwa ukuthi laba badlali bazomenzela umsebenzi omuhle.
“Bazosebenza ngoba bangabadlali abadala abanemindeni yabo okumele bayondle nabo,” kusho uSteve Komphela.
“Nelanga seliyashona ebholeni njengoba iminyaka yabo isihambile nje.”
Kubadlali abasayinwe nguSteve Komphela abanegama elibi singabala u-Andile Jali, Dumisani Zuma noGabadinho Mhango.
UJali noZuma baqalile futhi badlala kahle ngesikhaythi iSwallows ivula imidlalo yeDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama.
Ibambane ngo 1-1 neGolden Arrows emdlalweni obuseMpumalanga Stadium eHammarsdale.
Ukuthola iphuzu kweSwallows kulo mdlalo kube yisiqalo esihle njengoba isemkhankasweni wokuzivuselela ibe yiqembu elikhulu.
FUNDA NALA: Banyana: iNetherlands ishiye abanye besola, abanye bencoma
Ibuye kade seyilandela ngemuva kwegoli likaSiyanda Mthonti kodwa uTshegofatso Mabasa wayibuyisela emdlalweni eshaya igoli lakhe lokuqala kuleli qembu.