Ilungu leSafa elathuka uDoctor Khumalo seliphinde labhoxa
Njabulo Shezi
UMonde Montshiwa, uligungu lesigungu esiphezulu seSafa ubonakala esimbela amanzi ngomsele ngezinkulumo zakhe muva nje.
Wasisusela uthuli lwezichwe ngesikhathi ebhalela inkakha yakuleli uDoctor Khumalo emphoxa ngoba esole iSafa ngendaba yamabhonasi abadlali beBanyana Banyana.
Usephinde wabhoxa kolunye udaka njengoba ebhale kwiFacebook ukuthi iBanyana Banyana ifana nabantu abebeziyele koninalume njengoba kade iseNdebeni yoMhlaba nje.
“Laba badlali ngeke benze mehluko. Ngabe basesimweni esifanele sengqondo njengamanje? Baziyela eholidini nje laba,” wabhala kanje uMontshiwa ephendule omunye kuFacebook.
“Ukhumbule ukuthi engikushoyo ngikusho ngiyimi, kungumbono wami. Ngimile kukho. Ngumbono wami.
“ISafa yiyo eyakha bonke laba badlali. Ukuthi nje ababongi. Babenethuba lokuthi badingide lolu daba (lwemihlomulo) ngemuva komdlalo.
“Kodwa bona baqoke ukuhlambalaza iSafa. Ibaphi abaxhasi abasazofuna ukuzihlanganisa nabantu abanjena…
“Lokhu engikushoyo akuhlangene nobulili. Akekho owabanqabela ukuthi basukumele amalungelo abo, futhi akekho okumele abavimbe.
“Ukuqokelwa eqenjini lesizwe akulona ilungelo, kodwa kuyinhlanhla,” yaqhuba kanje le nsizwa.
La mazwi akhe alumelile kanti isolwa ngokucwasa ngokobulili nokubukela phansi abantu besifazane.
Ngokubika kwabe FAR Post, kumanje iBlack Forum South Africa (BFSA) ithi akasule ngokushesha esikundleni sakhe.
I-BFSA izichaza ngokuthi “iyinhlangano ekhuthaza ubumbano lwabantu abamnyama eNingizimu Afrika.
“Le nhlangano iqale ngo-1988 eNyuvesi yaseNingizimu Afrika (Unisa), lapho yasungulwa khona ngosolwazi abamnyama abahlonishwayo ibizwa nge-Unisa Black Forum.”
I-BFSA ibona la mazwi kaMonde Montshiwa eqgugquzela ukucindezelwa kwabesifazane nokufuna ukudicilela phansi isithunzi sabadlali beBanyana.
Le nhlangano ikholwa wukuthi amalungu esegungu esiphezulu seSafa, kuzwelonke nasezifundazweni, kufanele ahloniphe futhi eseke iqembu lesizwe esikhundleni sokulibukela phansi.
“I-BFSA inxusa ukuba lisule ngokushesha ilungu lesigungu seSafa elakhuluma amazwi ahlazayo futhi abukela phansi iBanyana Banyana enkundleni yezokuxhumana iFacebook,” sifundeka kanje isitatimende seBFSA.
“Ukuphawula kukaMonshiwa ngeBanyana Banyana kukhombisa ukuziphatha okubhebhethekisa ukubukelwa phansi iqembu lebhola lezinyawo labesifazane.
“Lokhu kwenzeka ngaphezu kokusebenza kwabo ngokuzikhandla. Iqembu selingene eNdebeni yoMhlaba kabili kulandelana.
“Baqhubekile badlulela esigabeni somkhumulajezi namaqembu angu-16 abahamba phambili eNdebeni yoMhlaba eqhubekayo.
“Futhi yawina iWomen’s Africa Cup of Nations. Phezu kwalezi zindondo kodwa iqembu lisaphethwe ngendlela engafanele yiSafa.
“Abesifazane ezweni basathwele ijoka lokucindezelwa… Kusafanele benze umsebenzi ophindwe kabili uma kuqhathaniswa nozakwabo besilisa.
FUNDA NALA: U-Alexander ogxalwe yiChiefs uphinde walandela uBaxter
“Noma bekwenza lokho abayitholi imihlomulo nokwesekwa okunikwa ozakwabo besilisa.
“Iqembu leBanyana Banyana libhekana nakho konke lokhu mihla namalanga.
“Ngakho-ke, yiSafa okufanele iqinisekise ukuthi lokhu akwenzeki nokuthi iqembu liyakuthola ukwesekwa.”
Kwenzeka loku nje iSafa isemkhankasweni wokuthi iNdebe yoMhlaba yabesifazane elandelayo ibanjelwe kuleli.