UMaMkhize weRoyal AM kuthiwa ukweleta iSARS izizumbulu zezigidi
SIHLE NGUBO
Umphathi weRoyal AM, uShauwn “MaMkhize” Mkhize, kuvela ukuthi usenkingeni yokukweleta iSouth African Revenue Service (SARS) izigidi okungaholela ekutheni adlelwe izimoto nomuzi wakhe kungekudala.
Lo somabhizinisi waseThekwini kuthiwa ukweleta iSARS imali yentela elinganiselwa ku-R37 million, ngokusho kukakhomishana weSARS uJohnstone Makhubu.
Yize uMaMkhize ethi umsulwa kukho konke lokhu kodwa iSARS igasele emzini wakhe oseThekwini ngoLwesibili.
Sekunesikhathi eside kulokhu kuputshuka ukuthi lo somabhizinisi ukweleta iSARS izizumbulu zezigidi kodwa ubelokhu ekuphika lokhu, ethi yonke into yakhe iqondile.
Ngaphezu kwakho konke lokhu iRoyal AM ikweleta uSamir Nurkovic, osanda kusayina kwiSuperSport United, u-R12 million. Le mali iyanyuka zonke izinyanga kanti iThwihli Thwahla ayikwazi ukusayinisa abadlali ngenxa yale nkinga.
Kuvela ukuthi uMaMkhize usenqunyelwe ugwayi katiki ukuthi akhokhele uNurkovic imali yakhe kungakapheli isonto, kungenjalo kuzophoqeleka ukuthi kuthathwe izinyathelo ezinkulu.
Izinto azihambi kahle neze kwiRoyal AM ekhishwe kwiDStv Diski Challenge (DDC) ngenxa yokuhluleka ukudlala imidlalo eyisithupha yokuqala yesizini.
Inkinga yemali kuleli qembu seyiholele ekutheni lishiywe abanye abadlali ngoba bekhala ngokuthi bebengasayitholi imiholo yabo. Kuyavela nokuthi umqeqeshi uJohn Maduka wake wangahola, kanti akwaziwa ukuthi njengamanje uyayithola yini imali yakhe.