Ukhonjwa kuMaZulu ochithwe yiPirates, nelaseLimpopo liyamfuna
Njabulo Shezi
Omunye wabadlali abazithole bengasenayo indawo kwi-Orlando Pirates ungomunye wabazama inhlanhla kuMaZulu FC.
UCollins Makgaka, oneminyaka engu-27 ufike kwiPirates kumasizini amathathu edlule esuka kwiBaroka FC.
Nokho izinto azimvumanga kweZimnyama njengoba ijezi ebelizwa ngendaba kwazise ufike ngesikhathi isike abadlali abasezingeni bodwa.
Ekupheleni kwesizini edlule ube esededelwa uma kuphela inkontileka yakhe yeminyaka emithathu nengoba manje esevumbuka kuMaZulu.
Nokho kuvela nokuthi uma kungamlungeli kuMaZulu, akhona amanye amaqembu acuthile.
Elinye lawo yiPolokwane City yaseLimpopo enyukele kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini edlule nesacinga abadlali abanamava ezoqinisa ngabo.
“Okwamanje ikusasa lakhe alikaziwa likuphi ngoba kunamaqembu ambalwa ambizile ukuthi ezomhlola.
“Ngike ngezwa ekhonjwa kwiStellenbosch kanti abanye bathi ufuneka kuMaZulu…
“Sizozwa kodwa ngokuhamba kwezinsuku ukuthi uphelelaphi. Kodwa engikwaziyo wukuthi iPolokwane City nayo iyafisa ukumsayina futhi seyike yakhuluma naye.
FUNDA NALA: URulani Mokwena uyayihlonipha iChiefs ‘esingcono kakhulu’
“Mhlawumbe ke usafuna ukuzwa abanye baqhamuka nani kuqala ngaphambi kokuthatha isinqumo,” kusho umthombo.
Abanye abadlali okuthiwa bahlolwa Usuthu ngoPhumlani Ntshangase, Denwin Farmer noTebogo Thlolane.