EzakamuvaiDStv Premiership

UKanu ufuna iqine i-Arrows ecishe yazifaka enkingeni

Sihle Ngubo

Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uVusumuzi Vilakazi uthi kubasizile ukushaya amagoli amathathu ngesiwombe sokuqala ngesikhathi beshaya iPolokwane City ngo 3-2 koweDStv Premiership ngoMgqibelo.

Abafana Bes’thende bake balandela ngemuva ngo 1-0 kulo mdlalo obuseMpumalanga Stadium, eHammarsdale. 

Kodwa avuke indlobane ebona ephenduleka iminqolo, kwayiwa ekhefini sebehamba phambili ngo 3-1.

IPolokwane ivule inkundla ngegoli likaDouglas Mapfuno ngomzuzu ka-12. Kodwa ithe isajabuelela lokho, kwabe sekushuba. 

UNduduzo Sibiya ube eseshaya elokulinganisa ngoka-13. ULungile Nguse uyibeke phambili i-Arrows ngomzuzu ka-21. 

UThemba Matshiyane ube eseshaya elesithathu ngomzuzu ka-39. Icishe yazigaxelisa ke kodwa esiwombeni sesibili. 

IPolokwane ibuye seyilwa nayo futhi yalithola elesibili ngomzuzu ka-52 ngonyawo lukaLebohang Nkaki.

Iwatholile namanye amathuba amahle futhi ukube iwasebenzisile, i-Arrows beyiyozisola.

“Ukube asiwasebenzisanga amathuba ethu ngesiwombe sokuqala besizozisola. Ngiyawuncoma umsebenzi owenziwe abadlali,” kusho uVilakazi ngemuva komdlalo.

Ukuvumile nokuthi kumele baqine ngokomqondo ukuze kungathi uma behamba phambili bese bengcebeleka. 

Umdlali we-Arrows u-Angelo van Rooi uyena oqokwe njengoshaye into ecokeme kunabo bonke kulo mdlalo. 

Nokho unozinti we-Arrows naye usebenzile ekugcineni ephunga amabhola amabi abeza nePolokwane ebe ngompetha beMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.

Ukuwina kwe-Arrows kuyenze yahlanganisa amawini ayisithupha uma ibhekene nePolokwane. 

Inyukele endaweni yesine lapho ihleli khona ngamaphuzu ayisikhombisa ngemuva kwemidlalo emine.

FUNDA NALA: Okwenza uNtseki abambelele kuPetersen onamaphutha kwiChiefs

Emdlalweni olandelayo i-Arrows izobhekana neStellenbosch FC ngoSeptemba 16 khona eMpumalanga Stadium.